Lugujwe ngendlela ehlukile usuku lwabesifazane

Date:

LUGUJWE ngendlela ehlukile usuku lwabesifazane obelubanjelwe ehholweni lomphakathi esiGcemeni uG (G Section), KwaMashu njengoba I-Vibe FM 94.7 First Choice bekuyiyona ebihlele lo mcimbi mhlaka 16 Agasti 2026. Lo mcimbi wabesifazane ubugujwa ngaphansi kwesiqubulo esith: “Her Power, Her Business”, obelugxile ekugqugquzeleni amabhizinisi abesifazane, impilo nenhlalakahle, kanye nokubumbana emphakathini.

Izikhulume eziningi ebezihambele lo mcimbi wokugujwa kwalolu suku lwabesifazane bezigqugquzela abantu besifazane ukuba Ababambe iqhaza elikhuli kwezamabhizinisi futhi baphinde base Kane ngakho konke. Kuzokhumbuleka ukuthi mhlaka 9 Agasti 1956, abantu besifazane basukuma babhikishela ukuphathwa kwamapasi bathi sekwanele, beyimbokodo yingakho lolusuku lubungazwa minyaka yonke eMzansi Afrika, kukhunjulwa iqhaza elabanjwa ngabantu besifazane. Kuphinde kwavela ezikhulumini ukuthi kuningi osekwenziwe ngabantu besifazane kodwa abahlonishwa ngegalelo labo. Kuvelile ukuthi abantu besifazane benza okuningi kodwa akuhlonishwa futhi kushaywa I diva.

“Ngakho-ke, inhloso bekuwukwakha ipulatifomu yokuthi abesifazane abavela kuzo zonke izindawo bahlangane, baxoxe ngezindaba ezibalulekile, baxhumane futhi bafunde komunye nomunye. UNkk Thobile Khanyile ongumsunguli weMangwaneni Fast Foo uthe, abantu besifazane Ababambe iqhaza elikhuli kwezamabhizinisi. UNksz Zama Mhlongo obeqhamuka enhlanganweni engenzi nzuzo yena ube esecobelela abantu besifazane ngolwazi ngezindlela zokuthuthukiswa kwemiphakathi.

“Isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane siyakhula kakhulu ezweni,” kusho uNksz Nondumiso Cele obevela kwi National Prosecuting Authority (NPA), eqhuba ethi amacala afana nawokuhlukunyezwa kwabesifazane kumele abekwe eqhulwini. UNkk Baba Nthabiseng Malakoane obevela kumasipala yena uqwashise ngesifo sesandulela ngculazi (HIV-AIDS), aphinde wakuveza okubaluleka kwempilo, wathi noma usuhaqekile usengaphila isikhathi eside.

UNkk Aviwe Klaas uveze ubungozi bezinkinga zempilo yengqondo emphakathini. Obewumphathi wohlelo nguMnuz Magasela Mlangeni, ongumsakazi kwaVibe FM kanye noMqondisi Wezemicimbi. Kube sekubongwa bonke ebebexhase lo umcimbi okubalwa kubo: I-Balmoral Hotel, YMCA, Gugu Dlamini Foundation, Inkundla Newspapers, Masipala( igama likamasipal), Vodacom, Spar, Ukusa Productions.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Undunankulu Uququzele Umphakathi Ukuba Usebenzise Umhlaba Ngendlela Efanele

UNdunankulu waKwaZulu-Natal,  uThamsanqa Ntuli, uhole amalungu eKhabhinethi yesiFundazwe ngesikhathi...

Bakhale Bmuka Nezimoto abezemidlalo Bonyaka Ngoxhaso Lwakwa JOMA

Kube yimpumelelo ukwethulwa kwemklomelo eyahlukahlukene yokuklomelisa abenze kahle emkhakheni...

Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u...

Ungqongqoshe Umisa Uxhaso Lwe-EPWP Ethekwini Ngenxa Yokungahambi Kahle Kwezimali

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uDean Macpherson, umemezele ukuthi uzomisa...