Breaking News

KWETHULWE NGOKUSEMTHETHWENI UMQHUDELWANO WABALANDELI

2 0

Inhlangano iThe 12 man Group eholwa uMnuz uJason Zikalala yethule ngokusemthethweni umcintiswano webhola lezinyawo obizwa ngeThe Fans Cup Soccer Tournament ozodlalwa ngabalandeli.

Ekhuluma namuhla eThekwini emcimbini wokwethulwa kwalo mqhudelwano uZikalala uthe eNingizimu Afrika akekho umuntu ukhombisa ukuhlonipha abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo.

“Siyinhlangano iThe 12 Men Group silapha ngenhloso yokuzohlonipha amagalelo abalandeli, sizoqhakambisa iqhaza abalibambayo ebholeni lakithi. Enkundleni kudlala abadlali abangu-11 abalandeli banikeza abadlali umoya owakha umdlali we-12, ” kusho uZikalala.

USiyabonga Mchunu ongumlandeli weqembu AmaZulu FC uveze ukuthi uyamjabulisa umqhudelwano walolu hlobo ngoba uzobahlanganisa bengabalandeli.

“Le midlalo yethu singabalandeli izokwazi ukusinikeza ithuba lokuthi sazane eduze, sixoxisane nezinkinga esibhekene nazo emaqenjini ethu. Uzophinde usifundise nendlela yokuziphatha uma sihambele ezinkundleni kube khona umoya wobunye njengoba sisazohamba izingqungquthela ngaphambi kokuqala komqhudelwano, ” kusho uMchunu.

Le midlalo izodlalwa ngenyanga kaSeptember ngekhefu leFederation International de Football Association (FIFA). Kubekwe umklomelo ka-R250 000 kulo mqhudelwano, kanti ozodla umhlanganiso uzokhala amuke no-R100 000 , ozolala isibili uzophuma no-R50 000 bese kuthi wonke amaqembu azobe yingxenye yale midlalo azogoduka nemali engango-R 5 000.Zisazo qinisekiswa izinkundla okuzogijinyelwa kuzo le midlalo.

Asewonke amaqembu ayingxenye yeThe Fans Cup Soccer Tournament ilawa: Kaizer Chiefs Fans, AmaZulu FC Fans, Orlando Pirates Fans, Maritzburg United Fans, Royal AM Fans, Richards Bay FC Fans, Milford FC Fans kanye neMamelodi Sundowns Fans.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *