Saturday, March 7, 2026

KUZOHLOMULA ABANTU BENDAWO KOWE- DUNDEE JULY

Date:

Khwezi Ngcobo

KONKE sekumi ngomumo ngomjaho oyintandokazi owaziwa ngeDundee July, osuwenzeka okwesi -18 kulonyaka. Lokhu kuvele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eBattlefields Lodge, ngeSonto eledlule. Lomjaho wamahhashi kanye nenqephu kulindeleke ukuthi  udlale iqhaza elikhulu  emnothweni wakuMasipala waSifunda uMzinyathi.

 UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uDkt Nkululeko Mahlaba, uthe lo mcimbi uzongenisa imali elinganiselwa ku-R50-million emnothweni wakuleli kanti u-90% wabahlinzeki bezinsiza ezizotholakala kuzoba kungabantu bendawo.

“Sihlose ukunika abantu abaningi umsebenzi esikhundleni sokunikeza umsebenzi oyedwa,” kusho uNgqongqoshe.

Lo mcimbi wezemidlalo obukhazimulayo, ohlelelwe uMgqibelo mhlaka 14 July 2023.  Ugxile kwezemfashini nemijaho yamahhashi futhi ukhombise ukuba wumgogodla womnotho wasemakhaya. Kulo nyaka amakhaya ajwayelekile azophendulwa izindawo zesikhashana zokulala izivakashi.

UMnu Ngubane oyiMeya yase-Mzinyathi District uthe, “ Imifaniswano yejokhi, izingubo zokulala zamahhashi kanye nezinye izesekeli zamahhashi kukhiqizwa yizinkampani zendawo. Bangaphezu kuka-90% abahlinzeki besevisi abazotholwa kubahlinzeki bendawo futhi sihlose ukunikeza umsebenzi ngokulinganayo kubantu abaningi kunomhlinzeki wesevisi oyedwa. Kulindeleke ukuthi kuthuthuke umnotho wendawo kulesi sifunda ngo-R50 million. “

Kuleminyaka eyedlule i-Dundee July isikwazi ukuheha amazwe ase-Afrika okubalwa kuwo i-Namibia, Lesotho kanye ne-Botswana. Lamazwe awumakhelwane ne-South Africa. Kucacele noma ubani ukuthi u-July owe-Kwa-Zulu Natal ngoba ubumnandi benzeka khona njalo ngonyaka kanti futhi umnotho ukhula kakhulu ngalesikhathi sonyaka e-KZN.

Unontandakubukwa wase-Thekwini uTha Simelane uthi, “Sayiqala kusenama-Marquees amabili no-Arts and Culture kodwa ubusubhizi nabantu base-Goli usukhohliwe yithina futhi usishiye ngaphandle. Ngiyethemba ukuthi abahlinzeki bezinsiza aqashiwe ayayithola i-mandate ku-Arts and Culture ukuthi abangabakhohlwa abantu abasuka nabo emuva.”

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Intsha Ifundiswa Ngokubaluleka kokusebenzisa Amacondom E Langeni College Ezinze E-Ntuzumza

Inhlangano yezempilo i-AIDS Healthcare Foundation (AHF)  ngokubambisana nezinhlaka zezempilo...
×