Breaking News

KONKE SEKUMI NGOMUMO NGOMJAHO I-COMRADES MARATHON

0 0

Abasubathi sebekulungele ukugijima kumqhudelwano we-Comrades Marathon,ozobe ubuya okwesi-97.

Lo mjaho omkhulukazi uzobe ukhuphuka kulo nyaka, njengoba uzosukela eCity Hall eThekwini NgeSonto lomhlaka-9 June ekuseni ngo 05h30, uphethe eMgungundlovu ngalo iSonto ntambama ngo 17h30.

Inhlangano iComrades Marathon Association (CMA) engabahleli balo mjaho, ibize isithangami sabezindaba eMaharan Hotel eThekwini, isingethe abagijimi abanomlando wokwenza kahle kuwo lo mqhudelwano eminyakeni edlule.

Ephawula ngalo mjaho uTete Dijana wakuleli, ogijimela iNedbank Running Club, uthe njengoba kunguyena ovikela isicoco salo mcintiswano wabesilisa, wonke amehlo azobe athe njo kuyena.

“Okubalulekile ukuthi ngingazifaki ngaphansi kwecindeze,lo mjaho ngeke ubelula njengoba uzobe ukhuphuka. Ngizizwa ngiwumqemane, sengijahe usuku lwangeSonto ngenze into engiyiphilelayo,” kusho uDijana.

Umsubathi wesifazane uGerda Steyn we-Phantane Athletics Club okunguyena ovikela lesi sicoco kwabesifazane, nophinde abenomlando wokunqoba umjaho okhuphukayo owagcina ukuba khona ngo-2019 njengoba ukhuza ibuya kulo nyaka.

“Kuzoba umjaho onzima, ngicabanga ukuthi singabagijimi sizohlala kumaqhinga ethu esikholelwa kuwo.Ngiyazi abaningi bathi umzimba wami ukhathele ngenxa yemijaho esengiyigijimile kulo nyaka, akukho okungishayisa ngovalo ngoba nginaso sonke isipiliyoni sokugijima iComrades Marathon,” kusho uSteyn.

Bangaphezulu kuka-20 000 abasubathi abazogijima kwi-Comrades Marathon kulo nyaka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *