Breaking News

KONKE SEKUMI NGOMUMO NGE-MANDELA AFRICAN BOXING CUP

2 0

Intaka ibekelwe amazolo eThekwini njengoba kuzosingathwa iMandela African Boxing Cup,okuwumdlalo wabashayi sibhakela basezwenikazi i-Afrika.Lomqhudelwano wethulwe ngokusemthethweni inhlangano emele isibhakela i-International Boxing Association(IBA) ngokuhlanganyela ne-African Boxing Confederation (AFBC),e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini,NgoMsombuluko womhlaka-15 April.

Angu-41 amazwe azokuba ingxenye yalomncintiswano kanye nabashayi sibhakela abangu-363 uma sekuhlanganisiwe abesifazane kanye nabesilisi.Abagqugquzeli balomqhudelwano i-IBA abakwa-AFBC kanye nenhlangano i-South Africa National Boxing Organisation (SANABO) baqambe lomncintiswano wesibhakela ngengqalabutho yomzabalazo uDkt Nelson Mandela ngemvumo yomndeni wakwaMandela.

“Kuyintokozo ukuthi nginethulele iMandela African Boxing Cup ezosingathwa lapha eNingizimu Afrika ngo-April 2024.Isizathu esenze siqambe lomdlalo ngoDkt Nelson Mandela ongasekho emhlabeni ukuthi uyiqhawe elihlonishwa umhlaba wonke futhi wayewukhonzile umdlalo wesibhakela,Lomqhulwano wenziwe ngenhloso yokumhlonipha” kusho uNobhala jikelele aphinde abeyisikhulu esiphezulu kwinhlangano i-IBA uMnu Chris Roberts OBE.

Eqhuba uChris uthe abashayi sibhakela kumele kubagqugquzele ukuthi uMandela wayethanda isibhakela.Wathi abasebenzise uthando lwalengqalabutho ukukhumbula amagalelo ayo.

I-Mandela African Boxing Cup izosingathelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini,kusukela NgoLwesibili womhlaka-16 April kuya NgeSonto lomhlaka-21 April.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *