Breaking News

ISILO SIKHUZA UKUBULAWA KWABANTU E-KZN

2 0

Sinxuse ukuthula KwaZulu-Natal(KZN),Isilo uMisuzulu Sinqobile KaZwelithini,njengoba kade sivula isiShayamthetho salesi sifundazwe(KZN),eMgungundlovu ngoLwesibili mhlaka 30 KuJuly.

“Kushayisa ngovalo ukuthi esikhathini samanje kusekhona abantu abasacabanga ukuthi isibhamu siyingxenye yokuxazulula izinkinga. Amakhosi,izinduna namalunga omphakathi bangcwatshiwe ngenxa yesibhamu.Sihlalele ovalweni ngodadewethu,izingane zethu zesifazane namakhosikazi ethu bazizwa bengaphephile ngenxa yesihlamva sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.Ngicela umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni uNhlanhla Mkhwanazi angelele ekuze sakhe umphakathi enokuthula,” kusho Isilo uMisuzulu sethula inkulumo kwisiShayamthetho.

Iqhuba iNdlulamithi yaMakhosi iyalele uhulumeni waseKZN naMakhosi ukuthi basebenze ngokubambisana ukuze kwakhiwa isizwe esiya phambili.Satshela abantu intsha ngokuthi kumele ibambe iqhaza ekwakhiweni kwesifundazwe esinokuthula, iphinde isebenze ngokubambisana nohulumeni ukuthuthukisa iKZN.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *