Wednesday, March 4, 2026

Intsha Ifundiswa Ngokubaluleka kokusebenzisa Amacondom E Langeni College Ezinze E-Ntuzumza

Date:

Inhlangano yezempilo i-AIDS Healthcare Foundation (AHF)  ngokubambisana nezinhlaka zezempilo ezahlukune bahlanganyele ndawonye e Ntuzuma esikhungweni semfundo ephakeme Elangeni College ukugubha usuku lwamakhondomu Emhlabeni wonke (International Condom Day). Inhloso bekuwuku khuthaza ukusetshenziswa kwamakhondomu ukuvikela i-HIV, izifo ezithathelana ngocansi (STIs) kanye nokukhulelwa okungahleliwe.I-AHF ithi lo mkhankaso uza ngesikhathi lapho izwe libhekene nokwanda kwezifo ezithathelwana ngocansi, ikakhulukazi ugcunsula (syphilis).U Bongani Mbatha ovela kwa AHF uthi ukubungaza usuku lwe khondomu luyinxenye yezinto ezikhuthaza intsha ukuthi zisebenzise I khondomu.

“Ukufika kwethu lapha ukuzoqwashisa abafundi ngezifo zocansi ezahlukahlukene ezithathelenayo uma ungayisebenzisi I khondomu ngakho ke syakhuthaza intsha ukuba isondele ezinhlakeni zezempilo.” Kusho u Mbatha.Izinhlaka ezahlukene kulomncimbi  bezigcizelela ukuthi amakhondomu ayindlela elula, eshibhile futhi eqinisekisiwe yokuvikela impilo ngaphandle  kokuba namahloni.Oyinhloko yeskole I Elangeni College umnumzane u Zungu ubonge ukuphumelela komncimbi wokuqwashisa abafundi ukuthi bedlalele kude nocansi olungaphephile. “Siyazama ndlela zonke ukuthi ukukhulelwa kwabantwana besabancane kungabi into ekhona kulesisikole sibambisene nayo yonke imnyango yezempilo ukukhuthaza abantwana ukuba bazivikele sijabule kakhulu ukuhlanganyela nezinhlaka ezifana no AHF kuzinhlelo ezibungaza I  condom Day”.  Kusho u Zungu.

U Zungu Ugququzele abafundi ukuthi bengadlaleli kude nomnyango wezempilo.U Philile Nkosi ovela emnyangweni Wezempilo obhekelele amakolishi uveze ukuthi kuningi okwenzakalayo ezimpilweni zabafundi uyabanxusa ukuba bengasabi ukukhuluma mayelana nezimpilo zabo.”Emnyangweni wezempilo alukho usizo olungekho ngyaninxusa ukuba niwuvakashele umtholampilo ku nesifo sokhwantalala naso esingaqhamuka wena ubheke Isifo socanci ngakhoke ziningi izinkinga enibhekana nazo ningabafundi kuyomele ningahambeli kude nomtholampilo”.  Kusho u Nkosi. Umahamba nendlwane  othulwe kulesi sikhungo I-Elange College uzobonakala I-INK namaphethelo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Izindlu Ezingu 1000 Zezisulu Ezakhahlanyezwa Zikhukula Sezikulungele Ukuhlala Ngaphambi kuka June

UMeya weTheku, uKhansela uCyril Xaba, uthi usekholwa ukuthi izinhlelo...
×