Kube usuku lokujabula nolwenkumbula ngesikhathi umndeni wakwaQwabe unikezwa indlu kanye netayitela lendlu entsha, kulandela ukushona kabuhlungu komntwana u Aphelele Qwabe owashona ngesikhathi sezikhukhula.
Lo mcimbi obubanjelwe emphakathini e Verulam endaweni ebizwa ngokuthi yisoThandweni ubuhanjelwe abaholi bomphakathi, abefundisi nabaxhasi kanye nabahlali abebefike ngobuningi bezokweseka umndeni.
INkosi uMqoqi Ngcobo iyona ube usizo kakhulu kulolu hlelo ngokunikela ngomhlaba wokwakha indlu entsha yomndeni wakwaQwabe.
“Asikwazanga ukubuyisa impilo ka Aphelele, kodwa sifuna ukubuyisa ithemba kulo mndeni. Lo mhlaba siwunikezele kulomndeni ukuze bakwazi ukuqala kabusha impilo befihle ngesizotha umntwana kodwa bazali bakhe komele nazi ukuthi konke lokhu sikwenza ngokwenzela u Aphelele lencwadi yegunya lomuzi nayo akusiyona eyenu umuzi ka Aphelele lona.” Kusho inkosi yase Maqadini
INkosi yase Maqadini uphethe ngokuthi akazukunikela nendawo ngoba kuvele umshophi kodwa uma u Masipala exoxisana naye engababeka abantu isifiso sakhe ukuthi abantu behlale kahle.
Induna uMsomi, obambe iqhaza elikhulu ekuceleni usizo emphakathini nasekubizeni abaxhasi,uthi ubone kufanele ukusiza emphakathini.
“Ngibonga wonke umuntu owelule isandla. Lokhu kukhombisa ukuthi uma sibambisana njengomphakathi, singakwazi ukuguqula izimpilo zabantu, wonke umuntu ebengimemeza ubesabela indlu yakhiwe izinsuku ezinhlanu kuphela ngosizo lwabaxhasi.” Kusho u Msomi.
Abaxhasi abahlukene, okubalwa kubo uBishop Ngubane, iMetro Bus Services kanye nehhovisi likaMeya, nabo banikele ngezinto zokwakha, ifenisha izingubo zokulala I gilosa kanye nezinye izidingo zomndeni.
“Sizimisele ukweseka lo mndeni kuze kube sekugcineni. Ukulahlekelwa okukhulu kangaka kudinga uthando nokubambisana.” Kusho Bishop Ngubane.
U Cebo Qwabe ongubaba womntwana owadlulayo ubonge bonke abaxhasile. “Umuntu ngumuntu ngabantu ngibonga bonke ebenathi esikhathini esinzima ngiyafisa ukuthi onakho engaqhubeka elule isandla”. Kusho u Qwabe.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

