Saturday, March 7, 2026

Ihlangano yoMama ngaphansi kweqembu elibusayo ikhuthaze Imbokondo ngeyanga yayo.

Date:

Iningizimu Africa yonke igubhe inyanga yabesifazane njengoba kwaziwa ukuthi u 09 August usuku lapho kukhunjulwa khona abesifazane abazinqalabutho abazabalazela inkululeko.

Abesifazane nakuba bebhekene nezingqinamba eziningi ezifana nokudlwengulwa kanjalo nokubulawa kodwa lokho akuyiqedi amandla imbokodo. UDr Phumzile Mlambo Ngcuka omele abesifazane kwinhlangazo i United Nations(UN) ngomhlaka 11 August 2020 uvula inkundla yembuzo nezimpendulo ngezobuchwepheshe besimanje  lapho ezobe echaza  kabanzi ngaye njengoba waba yisisulu sokuhlukunyezwa esemncane, wasebenza nemiphakathi enhlwempu enezibalo eziphezuli zokuhlukunyezwa ngokobulili. I African National Congress kwaZulu  Natal ibambe isthangami ngenhloso yokuba nezinxoxo nasebehambe indima nabasefukuliwe baphinda bafukula futhi. U Fikile Maseko uthe bayazi ukuthi laba besifazane sebefake umfutho omningi ukuqhubekela phambili ngohlelo lokusiza usizwe kanjalo nemphakathi.

U Dr phumzile Mlambo Ngcuka  owayeyisekela likamongameli uyena obeyiskhulumi sosuku kwenye yezinkulumo zakhe uveze ukuthi “noma ijatshulelwa inyanga yabantu besfazane kodwa ziningi izingqinamba ezibhekene nabo ezinye zizibekile nje” ubekhuluma besebhilidini lomkhulu ngaphansi kwesqubulo esithi Generation Equality Realising women’s right for an equally  future. Isqubulo sesfundazwe sakwazulu natal sona sithi empowered women empower.

U Dr Tina Nzo ovela eWit public Affairs Research institute  ukhulume ngolwazi analo ngabesfazAne abaseskhungweni kanjalo   nomhlaba wonke kusuka kwabasemakhaya kuya kwabasemadolebheni abasahluleka ukuphokophela emathubeni eza nenqubekela phambili (socioeconomic )

U Azania Zuma oqhamuka ophikweni lwesikhungo semfundo ephakeme IUkzn uphendule ingxoxo ka Dr Nzo naye ngomlando Anawo ngabantu besfazane wathi ukholelwa ukuthi ukumela abesfazane akwanele.

Kanti Le ngxoxo ibisezinkundleni zokuxhumana.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Intsha Ifundiswa Ngokubaluleka kokusebenzisa Amacondom E Langeni College Ezinze E-Ntuzumza

Inhlangano yezempilo i-AIDS Healthcare Foundation (AHF)  ngokubambisana nezinhlaka zezempilo...
×