Breaking News

I-RISE MZANSI YETHULE UHLELO OLUBIZWA NGE-PHAKAMA KZN’

0 0

Bafuna kubenozinzo ngokuthi kuqiniswe ezokuphepha esifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN),lokhu kuvezwe inhlangano yezombusazwe i-Rise Mzansi ngesikhathi yethula ngokusemthethweni umkhankaso obizwa nge’PHAKAMA KZN’.Lomkhankaso waleliqembu wethulwe NgoLwesine womhlaka-18 April ,eStation Urban Event Space eThekwini,liveze ukuthi inhloso yawo ukutakula abantu base-KZN.

Ethula inkulumo yakhe umholi we-Rise Mzansi eKZN nophinde agaqele esokuba nguNdunankulu kulesifundazwe uNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo uveze ukuthi inkinga ehamba phambili ebikwa kuzona zonke izinkalo ukungaphephi kwabantu kulesifundazwe kungenxa yokubaphezulu bezinga lobugebengu.

”Nizizwa ningaphephile emgwaqeni,nizizwa ningaphephile emakhaya,aniphephile emsebenzini nasemphakathini esihlalo kuyona, lenkinga ikhungethe izwelonke.Siyi Rise Mzansi KwaZulu-Natal sizokweseka izinhlangano ezibhekela ezokuphepha emphakathini ezifana no-CPF ,siphinde siqinise iminyango kahulumeni yezokuphepha.Njalo uma ngiseMlazi kukhalwa ngobugebengu anikwazi ukuhamba emgwaqeni eMlazi,eMthwalume emakhaya kukhalwa ngobugebengu,KoMandeni kwaDukuza kukhalwa ngobugebengu,isinyathelo sethu sokuqala ukuthi sikhiphe abaholi abayizigebengu kulesifundazwe” kubeka uNonkululeko.

Eqhuba uMholi walenhlangano uthe ezinye zezinto abazozenza ukudala amathuba omsebenzi kuzona zonke izindawo kanye nokuqeda umbandela othi umuntu mangabe esedlule eminyakeni yobudala engu-35 makangabe esaqashwa.

“Isikhathi esiningi uma sikhuluma ngamabhizinisi omama abadayisa emgwaqeni sibashiya ngaphandle kanti ibona abasebenza kanzima abafundisa izingane ezikoleni bephinde bondle imindeni.SiyiRise Mzansi sizokwenza isiqiniseko sokuthi bathola uxhaso olubafanele kuhulumeni ,sobaxhasa ngokwenza isiqiniseko sokuthi bathola ugesi namanzi nayo yonke ingqalasizinda abayidingayo” kusho uHlongwane-Mhlongo.

Phakathi kwezinto ezithenjiwe ileliqembu,liveze ukuthi lizokweseka abantu abaphila ngokukhumbazeka kanye nokunikezela ngoxhaso kwizinhlangano ezingenzi nzuzo ngoba zibamba iqhaza emphakathini.

Lenhlangano iphinde yaveza ukuthi izolwela ukuthi kushintshwe imfundo yakuleli ,ikhala ngokuthi iqeqesha abasebenzi kanti kumele ikhiqize abasunguli bemisebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *