Breaking News

I-MUT NOMKHANKASO WOKUGQUGQUZELA UKUNAKEKELWA KWEMVELO

2 0

Umkhakha wezimiso zemvelo,ukuvuselelwa kanye nokubuyiselwa (Ecosystem, Rehabilitation and Restoration),ngaphansi kwesikhungo semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology (MUT) uqhube umkhankaso wokukhuthaza umphakathi ukuba unakekele imvelo ngendlela efanelekile.

Lomkhankaso ubuqhutshwa eMangosuthu University of Technology,eMlazi eningizimu yeTheku,NgoMsombuluko womhlaka 20 kuNovember.Ekhuluma uNks Sithembile Nkosi ongumsunguli waloluhlelo ofundisa khona e-MUT uthe lomkhankaso wawuqala ngonyaka ka-2018 ngenhloso yokuqwashisa umphakathi ngokubaluleka kokugcina imvelo ihlazekile.

USithembile uthe kwabanezingqinamba ngesikhathi esebenzisana nabantu bomphakathi kuthe ngo-March walonyaka waqoka ukusebenzisana nabafundi besikole samabanga aphezulu iNdukwenhle esikhona eMlazi.

“Into esiyicelayo kumphakathi wethu ukuthi into encane ingashintsha into enkulu kakhulu,into yokuqala engicela ukuthi besilekelele kuyona engadingi hulumeni ukuthi udoti siwulahle ngendlela efanelekile.Wonke lodoti olahlwa ngendlela engalungile uyahamba uyemfuleni bese umangabe sekunezikhukhula sithwale izandla ekhanda kanti ilodoti thina esiwulahlile ,mangabe usemotweni yiba noplasitiki wokufaka udoti,yonke umfucuza ayingene emgqonyeni” kusho uNkosi.

Eqhuba uSithembile unxuse abasebenzi abaqoqa udoti ukuthi benze isiqiniseko sokuwulanda uma usufakiwe endaweni ukuze kube khona ukusebenzisana phakathi komphakathi kanye nabasebenzi abalekelela ekuthetheni udoti.

USolwazi Dumsile Hlengwa waseNyuvesi iDurban University of Technology uchaze kabanzi ngokubaluleka kokunakekela imvelo,ethinta izihlahla,ulwandle,indawo isimo sezulu kanye nezilwane ezitholakala ezweni ,uHlengwa uthe yonke lemvelo ayibalile iyona ekwazi ukuheha izivakashi ingakho kubalulekile ukuthi iphathwe kahle.

“Uma singcolisa imvelo yethu kubanzima ukuthi kubekhona umuntu ovela ngaphandle kwezwe ofuna ukuzovakasha lana, ngoba ayikho into enhle azoyibona.Uma ulwandle lethu lingahlazekile,umangabe sigawula izihlahla izinyoni ziyahamba kanye nokungcolisa umhlaba esikuwo ngokulahla imfucuza endaweni engekho emthethweni yizo zonke izinto okumele siziqaphele.”kusho uHlengwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *