Breaking News

I Durban FilmMart, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Brave New Cinema

0 0

I Durban FilmMart, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Brave New Cinema” ezoqala ngomhlaka – 4 kuMandulo iphele ngomhlaka 13 kuMandulo 2020, izobheka izinto eziningi ezahlukahlukene nokuthuthukiswa kwezindlela zokukhangisa, ukusabalalisa nokwenza amafilimu ngokugxila e-Afrika nanokuthi ikusasa lamafilimu lizoma kanjani kulesikhathi esisha sobucwepheshe.

“Sihlanganisa abenzi bamafilimu abavelele nabasafufusa e-Afrika ukuze baziqhathanise futhi bafunde kozakwabo, baveze amacebo nezinhlelo zabo futhi sibe sisonke siveza isibindi sokuxoxa ngomsebenzi wethu,” kusho uTony Monty, iNhloko yeDurban FilmMart(DFM).

Durban Film Mart ixhumanisa abenzi bamafilimu e-Afrika, kulonyaka kuzoba nezilimu ezimbili okuyi-French nesi Portugeuse. Kulo nyaka bazogxila kubenzi bamafilimu base-Afrika aba bambe iqhaza ekubungazeni nasekuxoxeni ngemizabalazo nangobuhle bethu besebenzisa ubuciko. IPitch Forum izonikeza abaxhasi, abatshalizimali nabenzi bezinhlelo ithuba lokubhekisisa amafilimu amafilimu angu-70 asathuthukiswa nazokwethulwaKuzokwethulwa abaqondisi abayisithupha abasafufusa base-Thekwini Kwa Zulu Natal bethulwa yi-Angu-230 ama-filimu nama-documentary amukelwe kulo nyaka kanti angu-31 akhethwe yithimba longoti bamafilimu. Lezinhlelo, kuwumgomo ukuba zibe okungenani nomqondisi noma umdidiyeli oyedwa ophuma emazweni angu-13 okubalwa i-Ningizimu Afrika, Egypt, Tunisia, Cape Verde, Mali, Morocco, Sudan, Chad, Zimbabwe, Democratic Republic of Congo, Mozambique, Ethiopia neKenya.Jumpstart

“Ngokusebenzisa izinkudla zobucwepheshe kulo nyaka ngenxa ye-Covid-19 sizosebenzisa ithuba lokwelula isikhathi sokwamukela amafilimu siphinde sengeze angu-11 esibalweni esejwayelekile sika-20 sabazokwethula imisebenzi yabo,” kusho uMontyKwamafilimu aqokiwe, okungama-Documentary angu-16 nawu 15 ayizindaba eziqanjiwe, bazonikwa ithuba lokwethula abo nge-video ngaphambilini kubatshalimali, ama-Agent, abasabalalisi bamafilimu, abahleli, abasakazi nabenzi bezinhlelo ukuze athuthukiswe. “Okungijabulisayo wukubona le misebenzi ihambisana nesiqubulo sethu esithi ” Brave New Cinema ” njengoba iveza ubuAfrika Ngokusebenzisa izinhlobonhlobo zamafilimu. Kuyacaca ukuthi okuqukethwe ngamafilimu kulelizwekazi kuyakhula futhi nezinga lemisebenzi liyenyuka, nokuletha ushintsho oluthokozisayo kwezamafilimu e-Afrika. ” kusho uMonty.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *