Saturday, March 7, 2026

I-ABM Nokuqguquzela Osomabhizinisi

Date:

IABM ‘Area Basement Branding’ ne Facilitation Program ifake isandla  kosomabhizinisi asebenzisana nabo  ukuba  benzencono emabhizinisini abo ukuze bazithole besesimeni sokuqonda  ukusebenza kwezimboni ezahlukahlukene.

Inhloso yaloluhlelo ukungenelela Kanye nokuguqula amabhizinisi asathuthukayo akhele iThekwini namaphethelo.

Kufakwa uqgozi kosomabhizinisi ukuba bazimbandakanye naloluhlelo, bazijwayeze ukusebenzisa amakhono  anjengo ku-Thwebula,Graphic Design Kanye nama Motion Visuals.

Loluhlelo lunikeze ulwazi kwababambe iqhaza ukuthi basebenzise izinkundla zokuxhumana ukumaketha amabhizinisi abo.Bazuza nokuthi kumele bazethembe ekutheni basebenzise isipiliyoni bafike noshintsho emphakathini abeakhele kuyo bagqugquzele nabantu abasha ukuba babe yingxenye ekwakheni  umnotho. Nokuthi Kumele basebenzise izinkundla zokuxhumana zesimanje  eku khuliseni  imikhiqizo yabo khona bekwazi ukufinyelela, beqele nasemingceleni yase Afrika yonkana.Kanti nokusebenzisana nabaqavile emphakathini kuzobasiza.

Osomabhizinisi abakade bebambe iqhaza batonyulwa kwi database ye Ink ‘Inanda Ntuzuma KwaMashu’ development projects.Umuntu ngamunye wamenywa wabikelwa ngemibhalo ukuze abe ingxenye yaloluhlelo. Babe sebebizwa kwinhlolokhono lapho kwakuqoshwa khona ngevidiyo kwathwetshulwa nezithombe okunye kulokhu okwenziwa kwakusekuwuku thinta izinhlelo ezikhona okwamanje ezimayelana nezigameko ezenzakalayo, njengokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kulesi sikhathi esibhekene naso soKhuvethe.

Izifundo abazifundile ukuthi,ushintsho lusuke luza nezifundo namathuba,kulula ukufunda emaphutheni uwashintshe uwenze izinto ezinhle,mele ukwazi ukubaluleka kokusebenzisana nabanye abantu nokuzethemba,impumelelo ihambisana nokuzinikela kanti izinkundla zokuxhumana ziwusizo ekuthuthukiseni ibhizinisi mawuyisebenzisa ngendlela efanele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Intsha Ifundiswa Ngokubaluleka kokusebenzisa Amacondom E Langeni College Ezinze E-Ntuzumza

Inhlangano yezempilo i-AIDS Healthcare Foundation (AHF)  ngokubambisana nezinhlaka zezempilo...
×