Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Date:

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba ukuzocebelelana ngezindlela zokukhula  basebenzise ithuba le Durban Screen Summit ukukhombisa amakhono abo nokwakha ubudlelwano embonini yezokungcebeleka.

Lomncimbi uzothatha  izinsuku ezintathu uhlose ukweseka abaqophi bamafilimu abasebenza ngezabelomali ezincane nokuphakamisa iTheku njengendawo ehamba phambili embonini yamafilimu nethelevishini.

E uSharon Gumeder, uthe iDurban Screen Summit izovulela amathuba amasha osomabhizinisi bezobuciko kanye nabaqophi bamafilimu bendawo.

U Gumeder ukhuthaze abantu abanamakhono kwezamafilimu nokudala okuqukethwe ukuba bazibandakanye kulo mcimbi ukuze bakwazi ukuveza umsebenzi wabo phambi kwabaxhasi, abasakazi kanye nochwepheshe bemboni.

Uthe lo mcimbi uzohlanganisa abaqophi bamafilimu, abasakazi, abaxhasi bezimali, ochwepheshe bemboni, abadali bokuqukethwe kanye nabantu abafisa ukungena emkhakheni wokuxoxa izindaba.

“Kubalulekile ukuthi abaqophi bamafilimu bendawo basebenzise leli thuba ukukhombisa umsebenzi wabo, bafunde kochwepheshe futhi bakhe ubudlelwano obungabasiza ukukhulisa amakhono abo kanye namabhizinisi abo,” kusho uGumeder.

Lo mcimbi  unezinkundla zokucobelelana ngolwazi, izingxoxo zochwepheshe, amathuba okwethula amaphrojekthi, izinhlelo zokwakha ubudlelwano, imibukiso kanye nokukhonjiswa kwamafilimu emphakathini.

Kulindeleke ukuthi iDurban Screen Summit ihehe abantu abaningi abavela emikhakheni eyahlukene yezobuciko nabafuna ukungena embonini yamafilimu, okuyisinyathelo esizogqugquzela ukukhula komnotho wobuciko eThekwini.

https://youtu.be/UuFzTlikY8M?si=s0SvqxLfRxRtUgWf

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bathole uqeqesho Lokuthuthuka Kumabhizinisi Okupheka KwaMashu

Osomabhizinisi abasebenza emkhakheni wokudla bagqugquzelwe ukuthi basebenzise amathuba atholakala...

Uyaqhubeka Umkhankaso Wokuzivikela Ngocansi.

I-AIDS Healthcare Foundation (AHF) South Africa, ngokubambisana nezinhlaka ezinye,...

Kubungazwe Ususuku Lwe National Emergency Medical E Nanda

UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ubungaze usuku lomhlaba wonke olubizwa...

Bathembise Imali Engango-R124,576 Billion KZN, Kuzodalwa Imisebenzi Engu-207,468

UNgqongqoshe Wezokuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo uMfundisi uMusa Zondi...