Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Date:

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba ukuzocebelelana ngezindlela zokukhula  basebenzise ithuba le Durban Screen Summit ukukhombisa amakhono abo nokwakha ubudlelwano embonini yezokungcebeleka.

Lomncimbi uzothatha  izinsuku ezintathu uhlose ukweseka abaqophi bamafilimu abasebenza ngezabelomali ezincane nokuphakamisa iTheku njengendawo ehamba phambili embonini yamafilimu nethelevishini.

E uSharon Gumeder, uthe iDurban Screen Summit izovulela amathuba amasha osomabhizinisi bezobuciko kanye nabaqophi bamafilimu bendawo.

U Gumeder ukhuthaze abantu abanamakhono kwezamafilimu nokudala okuqukethwe ukuba bazibandakanye kulo mcimbi ukuze bakwazi ukuveza umsebenzi wabo phambi kwabaxhasi, abasakazi kanye nochwepheshe bemboni.

Uthe lo mcimbi uzohlanganisa abaqophi bamafilimu, abasakazi, abaxhasi bezimali, ochwepheshe bemboni, abadali bokuqukethwe kanye nabantu abafisa ukungena emkhakheni wokuxoxa izindaba.

“Kubalulekile ukuthi abaqophi bamafilimu bendawo basebenzise leli thuba ukukhombisa umsebenzi wabo, bafunde kochwepheshe futhi bakhe ubudlelwano obungabasiza ukukhulisa amakhono abo kanye namabhizinisi abo,” kusho uGumeder.

Lo mcimbi  unezinkundla zokucobelelana ngolwazi, izingxoxo zochwepheshe, amathuba okwethula amaphrojekthi, izinhlelo zokwakha ubudlelwano, imibukiso kanye nokukhonjiswa kwamafilimu emphakathini.

Kulindeleke ukuthi iDurban Screen Summit ihehe abantu abaningi abavela emikhakheni eyahlukene yezobuciko nabafuna ukungena embonini yamafilimu, okuyisinyathelo esizogqugquzela ukukhula komnotho wobuciko eThekwini.

https://youtu.be/UuFzTlikY8M?si=s0SvqxLfRxRtUgWf

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...