Breaking News

AKASEKHO EMHLABENI OWOMSAKAZO UKHOZI FM

0 0

Usedlulile emhlabeni umsakazi woKhozi FM uZanele Mbokazi obexinwe isifo somdlavuzo.

UZanele ubesakaza uhlelo lwangempelasonto olubizwa ngokuthi Eshilo kusukela ngehora lesi 9 kuya ku 12 ngeSonto.

Lo msakazi ongasekho ubesebuya okwesibili emsakazweni uKhozi FM.Ugqame kakhulu ngezinkulumo ezakhayo nokusebenzisana nabaculi beGospel njengoba kade engumhleli womncintiswano wezindondo iSABC Crown Gospel Music Awards.

Udlule emhlabeni ngoMsombuluko mhlaka 12 August phakathi kwamabili eneminyaka engu-53. UZanele ushiye emhlabeni umkhwenyana wakhe uBhishobhi uMpendulo Nkambule nezingane ezimbili.

Kusalindwe umndeni ukuthi uhlangana mayelana namalungiselelo omngcwabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *