Saturday, March 7, 2026

KUGQUGQUZELWA ABESIFAZANE BANGENI EMKHAKHENI WEZIMBIZI

Date:

ABAKWA Goat Unlimited ngaphansi kobuholi buka Dkt Bandile Mkhize  no Sthabiso Mkhize bagqugquzela abesifazane ukuthi babe yinxenye emkhakheni wokukhulisa baphinde banakekele izimbuzi.

UNks Hlengiwe Mhlongo ongomunye wabahlela lamakilasi, uthi igebe lisabonakala njengoba bengabaningi abantu besifazane abakhombisa intshisekelo uma bekhipha izikhangiso zokufundisa ngokukhula kulomkhakha.

Uthi lamakilasi abawenzayo afundisa ngokukhulisa nokunakekela kwezimbuzi, ukuhlela nokuphatha isikhathi sokuzalanisa, izidingo zokudla okunomsoco kanye nokuzikhulisela inzuzo.

“Singathanda ngempela ukubona iningi labantu besifazane babeyinxenye yaloluqeqesho ngoba amathuba okuphumelela kowesifazane maningi, ngoba kubona kusegazini nasemzweni  ukukhulisa izinto ngisho nabantu amapulazi ezimbuzi aholwa ngabesifazane ajwayele ukuphumelela kakhulu.” Kusho uHlengiwe.

UHlengiwe, uthi okubajabulisayo njengo Goat Unlimited ukubona abalimi ababeqeqeshweni kunona bezalanisa ngempela Izimbuzi ezisezingeni eliphezulu futhi zanda. Uthi abantu bake babashayele ucingo eminyakeni emithathu ngemuva kokuhambela izifundo futhi bebazisa ngenqubekelaphambili ayenzile kusukela ekuqeqeshweni. Uthi abanye bahamba baze babacele ukuthi babavakashele emapulazi abo futhi bafakaze ukuthi baphumelele ngenkathi behambele ukuqeqeshwa bengenalwazi mayelana nezimbuzi kuyamangaza ukubukela.

“Inhloso yethu ukuguqula nokukhuphula izinga lokuphila ezindaweni zasemakhaya ngokugqugquzela ukufuywa kwezimbuzi okusimeme kanye nebhizinisi lezolimo. Kuphinde kune nesidingo eNingizimu Afrika sokuthuthukisa izinga lezimbuzi ezifuywa ikakhulukazi ngabafuyi abamnyama. kunesidingo esikhulu futhi sokuthuthukisa ulwazi lwabalimi abasafufusa. Njengoba kukhula kakhulu abantu abathenga izimbuzi ukuzihlaba,” kuchaza uHlengiwe.

Uthi kulonyaka bahlele amakilasi amane izinsuku zabo zimi kanje, 30 Juni-1 Julayi, 7- Octoba kanye no 1-2 Desemba 2023. Indawo eSterkspuit Farm,ePeacevale.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Intsha Ifundiswa Ngokubaluleka kokusebenzisa Amacondom E Langeni College Ezinze E-Ntuzumza

Inhlangano yezempilo i-AIDS Healthcare Foundation (AHF)  ngokubambisana nezinhlaka zezempilo...
×