Breaking News

INJABULO KUHLONISHWA UMUSA GUEST HOUSE YAKWAMASHU KOWE-AFRICA’S TRAVEL INDABA

0 0

Ingqungquthela enkulukazi emkhakheni wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba ebise-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kusukela NgoMsombuluko womhlaka-13 kuya kuLwesine womhlaka-16 May, iklomelise i-Umusa Guest House eKwaMashu.

Lo mklomelo ngowokuchoma uphaphe lwegwalagwala lendawo yakwaMashu engaphansi kwe-INK Tourism, ngokuthi ingezinye zezindawo eziseqophelweni eliphezulu kwezokuvakasha.

Umusa Guest House uhlonishwe kuzona zombili izindawo onazo ,ekwaMashu kwa-N kanye nekwa-P. Lena ekwa-N yavulwa ngonyaka ka-2021 ngeyokusingathi abantu abasuke bezikhiphe ngenhloso yokuncebeleka,kuthi lena ekwa-P eyavulwa ngonyaka ka-2018, isingatha izivakashi ezisuke zihambele imihlangano yamabhizinisi.
Abanikazi be-Umusa Guest House uNkk Thandazile Gumede kanye noMnu Xolani Gumede.

Ekhuluma obhekelele ukusebenza kwalendawo uNks Busisiwe Zondi uveze ukuthi ubengakulindele ukuthi bazothola izitifiketi kuzona zombili izindawo ze-Umusa Guest House,empeleni yena ubelindele ukuthi kuhlonishwe indawo yakwa-N ngoba iyona ematasa ekuhanjelweni izivakashi.

“Sijabule kakhulu siswele ngisho ukuyoma enkundleni iMoses Mabhida Stadium sibatshele ukuthi saze sawumela uMashu sibancane.Lokhu esikwenzelwe i-Africa’s Travel Indaba ukuthi isihloniphe emcimbini osezingeni eliphezulu ofake amazwe angaphandle kusho lukhulu kithi.Besiqhathwe nabantu abasezingeni eliphezulu ,lomklomelo uyasigqugquzela ukuthi sisebenze kanzima size sisingathe nezivakashi ezisuke zihambele yona i-Africa’s Travel Indaba” .kusho uZondi.

Ephetha uBusisiwe ubonge usizo abalunikezwa ngabakwa-INK Tourism ,wathi uyafisa ukuthi Umusa Guest House usabalale kuwona wonke amalokishi ase-INK (Inanda,Ntuzuma naKwamashu) ngoba abafuni ukuya esilungwini azeseka ngelithi isilungu basithathile basifaka KwaMashu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *