Breaking News

IMEYA YAKWADUKUZA ILIGUBHE NEZINGANE NABADALA OLUKA-MANDELA

0 0

Njengoba umhlaka 18 July kuwusuku lokuzalwa lalawo owabanguMengameli wokuqala omnyama kulile uDkt Nelson Mandela.

IMeya yoMkhandlu waKwaDukuza uKhansela uNkk Lindile Nhanca uhambele izikole nekhaya labadala ngenhloso yokugubha imizuzu engu-67 kaMandela.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine mhlaka 18 July, ngesikhathi iMeya uNhanca evakashela esikoleni samabanga aphansi iThembeni lapho anikeze khona abafundi abangu-50 izicathulo.

Le Meya iphinde yahambela inkulisa ebizwa nge-Imfundoyethu,yafika yapha izingane izipho, yabe isidlulela ekhaya labadala iVulamehlo Hospice lapho enikele khona ngesheke lemali engu-R40 000.

“Siqhubeka nemisebenzi emihle eyenziwa uDkt Nelson Mandela, sikhethe ukuthi lolu suku siligubhe nazingane ngoba naye uMandela wayekhonzile ukuchitha isikhathi sakhe nezingane ingakho nathi namuhla sikhethe ukuvakashele izingane nabantu abadala ngoba nabo wayebakhonzile,”kusho uNhanca.

Eqhuba unxuse umphakathi ukuthi uqhubeke nokusizana, ungagcini ngomhlaka 18 July kuphela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *