Breaking News

UPIET UTHEMBISE EYOKUBA NGUMSUBATHI NGOKUPHELELE ENQOBA I-COMRADES MARATHON

0 0

Ugcine amazwi akhe umsubathi uPiet Weirsma odabuka eNetherlands ngaphansi kweNedbank Running Club International eba ngumpetha weComrades Marathon 2024 kwabesilisa.

Lo msubathi walala endaweni yesibili ngonyaka owedlule, wenza isethembiso sokuthi kulo nyaka uzobuya ngamandla, awunqobe okokuqala lo mjaho.

Kube njengama gama enkehli kaPiet ephuma phambili eshaya intambo ngo 5:24:56 eScottville Racecourse eMgungundlovu.

Ekhuluma ngalo mjaho ngemuva kokunqoba uPiet udlulise amazwi okubonga kumngani wakhe ngokumhlalisa eKenya lapho aziqeqeshe khona amasonto ayisithupha.

“Ngijabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho, ngiyozobuyela ngiyoziqeqesha eKenya. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngibe umsubathi ngokugcwele, ” kusho uWierma.

UPiet uqophe umlando wokuba ngumgijimi waseNerthelands wokuqala ukunqoba umjaho weComrades Marathon.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *