Breaking News

UNDUNANKULU WASE-KZN UFUNA ULUNGISWE NGOKUSHESHA UMONAKALO WASOTHONGATHI

0 0

Uhulumeni waKwaZulu-Natal usisukumele phezulu isigameko esenzeke eMagwaveni OThongathi,eNyakatho yeTheku. Lapho kuhlasele isishingishane somoya onamandla ebesihambisana nemvula esishiye izakhamizi zakulendawo dengwane saphinde sadlula nemiphefumulo yabantu abangu-7.Lesigameko senzeke NgoMsombuluko womhlaka-3 KuNhlangulana ngezikhathi zantambama.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uNkk Nomusa Dube-Ncube ngokuhlanganyela noMnyango weZempilo esifundazweni oholwa uNgqongqoshe uNkk Nomagugu Simelane, uMnyango wokuBusa ngokubambisana neziNdaba zomdabu eKZN oholwa uNkk uBongiwe Sithole-Moloi, uMnyango wezokuhlaliswa Kwabantu eKZN ophethwe nguNgqongqoshe uSipho KK Nkosi kanye neMeya YoMkhandlu weTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, bavakashele eMagwaveni oThongathi enyakatho neTheku NgoLwesibili womhlaka-4 KuNhlangulana,ngenhloso yokuhlola kanye nokulungisa lomonakalo.

“Sicela ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini eshiywe emhlabeni izihlobo zayo,siphinde sifisela labo abasezibhedlela ukululama ngokushesha” Kusho uDube-Ncube.

Eqhuba uNdunankulu uveze ukuthi yonke iminyango izohlangana isebenzisana ukuze lesimo sizosheshe silunge, isimo sibuyele kwesejwayelekile. Wathi mukhulu umonakalo owenzekile ingakho kubalulekile ukuthi amalunga omphakathi ethola ukwesekwa ngazo zonke izidingo ngqangi.

“Sisale singenalutho , asinakudla, asinandlu, asinazo ngisho izimpahla zokugqoka, sihlezi eminyango, siyacela kwabangakwazi ukusi siza basilekelele kulesimo esibhekene naso” Kusho uNks Balungile Madondo oyisakhamuzi endaweni yasoMagwaveni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *