Breaking News

IBAFANA IKHIPHE OFISHI ABAKHULU KOWE-AFCON

0 0

Iqembu laseNingizimu Afrika lithusa abathandi bebhola base-Afrika lishaya iMorocco ngo-2:0, emdlalweni womkhumulajezi womqhudelwano we-Africa Cup of Nation (AFCON),NgoLwesibili womhlaka-30 January,eLaurent Pokou Stadium eSan Pedro ezweni lase Cote D’ivore .

Womabili amagoli eBafana Bafana aqhamuka esiwombeni sesibili,ngonyawo luka-Evidence Makgopa ngomzuzu ka-57 kanye nelika Tebogo Mokoena ngomzuzu ka-95 kade kuyi-freekick, edalwe uSofyan Amrabat weMorocco odlalise kabi uMokoena,ngemuva kwalesigameko u-Amrabat ukhishwe ngunompempe ngekhadi elibomvu.

Abathandi bebhola bebelindele ukuthi iMorocco idlule kalula kwi-Bafana kwazise lelizwe eliseNyakatho ne-Afrika liqwakele esicongweni lasezwenikazi lakuleli.Iqembu le-Morocco liwatholile amathuba njengoba lithole nephenathi ngomzuzu ka-85 kodwa isithenjwa sabo u-Achraf Hakimi sashaya ipali.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba kumabonakude uMqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthe bekuwumdlalo onzima kwazise bebedlala neqembu eliseqophelweni eliphezulu.Wathi ujabule ngendlela abadlali bakhe abazimisele ngayo.”Njengoba sinqobe lomdlalo sisemathubeni amahle okufinyelela kowamanqamu ngoba sihlule iqembu elihamba phambili ezwenikazi i-Afrika”kusho uBroos.

Iqembu lesizwe lakuleli lizobhekana ne-Cape-Verde emdlalweni olandelayo we-AFCON,NgoMgqibelo womhlaka-3 February,ngehora leshumi ebusuku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *