Breaking News

ABAKWA-ABSA BETHULE NGOKUSEMTHETHWENI INGADI YESIKOLE

0 0

Injabulo ibibhalwe ebusweni kothisha kanye nakubafundi basesikoleni samabanga aphezulu, iGroutville ngesikhathi ibhange lakwa-Absa ngokubambisana nenkampani yakwa-Urban Harvest bethula ngokusemthethweni insimu elixhase ngayo lesikole ngaphansi komkhankaso waleli bhange othi “Possibilities Unearthed”.
Lokhu kwethulwa kwenzeke ngaphakathi emagcekeni aseGroutville High School, KwaDukuza eNyakatho neTheku nokuyilapho lengadi ikhona, NgoLwesibili womhlaka 14 November.

“Siyajabula ukuthi namuhla silapha KwaDukuza ukuzokwenza umsebenzi obalulekile eGroutville High school kanye nasemphakathini wakulendawo. Ukuthola ukudla ngendlela efanelekile kuyinto emqoka kubafundi, ingakho siwu-Absa sakhetha ukuqhuba loluhlelo lokunikezela ngembewu yezitshalo zokudla ngoba sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abafundi bayakuthola ukudla okunempilo” Kusho uMnu Mandisa Buthelezi oyisikhulu esiphezulu kwa-Absa esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Eqhuba uButhelezi uthe ingadi izonakekelwa isikole bese bona njengo-Absa beyihlola ukwenza isiqiniseko sokuthi isikole siyinakekela ngendlela efanele . UMandisa uthe lomsebenzi uzogqugquzela abafundi ukuthi bekwazi ukuzitshalela izitshalo zabo zokudla njengoba kukhona nabafundi abenza izifundo zolimo.

UThishomkhulu weGroutville High School, uMnu Simphiwe Gumede udlulise amazwi okubonga ibhange lase-Absa ngokuthi lakhetha isikole asiholayo ukuthi sikwazi ukuthola loluhlobo loxhaso, nakholelwa ukuthi lomsebenzi wengadi uzoba nomthelela omuhle kubafundi.

“Lensimu yethu esiyenzelwe u-Absa izosiza abantwana ukuthi bekwazi ukunaka izifundo zabo ikakhulukazi njengoba sekubhalwa isivivinyo zokuphela konyaka. Izophinda yenze kubelula ukuqwashisa ngokongiwa kwemvelo kanye nokukhuthaza abafundi ukuthi badle ukudla okunempilo” Kusho uGumede.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *