UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ubeyingxenye yomcimbi wokumenyezelwa ngokusemthethweni kwemiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026, obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini.
Lo mcimbi ube yingqophamlando enqubweni yentando yeningi kulandela izinsuku zokuvota, ukubalwa nokuqinisekiswa kwamavoti ezindaweni ezahlukene ezweni.UNtuli, ubonge abantu bakulesi sifundazwe ngokubamba iqhaza okukhulu okhethweni lwango-2026.
“Kubantu baKwaZulu-Natal, siyabonga kakhulu. Nihole izwe lonke ekubhaliseni abavoti, naphinde navotela ngobuningi obungaphezu kwesilinganiso sikazwelonke. Cishe abantu abayizigidi ezintathu abavotile, okulingana namaphesenti acishe abe ngu-49%, uma kuqhathaniswa nesilinganiso sikazwelonke esingu-46%. Lokhu nikwenze ngokuthula, ngesineke nangesizotha”. Kusho u Ntuli.
Upethe ngokuthi Ukunqoba ukhetho kuyimpumelelo, kodwa ukwamukela ukuhlulwa ngesizotha kukhombisa ubuholi beqiniso obuhlonipha intando yeningi.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.
