Lilokhu likhule Njalo Izinga lomcimbi waKwamashu

Date:

Lo mcimbi ozoba ngoZibandlela uzobe ugubha iminyaka engu-12 wasungulwa, uhlose ukubuyisa isithunzi saKwaMashu nokuvulela abantu amathuba omsebenzi.
U mncimbi INk Ikasi, ozoba ngoZibandlela 19, uhlose ukuhlanganisa izakhamuzi zaKwaMashu nezindawo ezakhele lelilokish, ubuyise isithunzi salo mphakathi uphinde uvule amathuba emisebenzi kubantu bendawo.
Lo mcimbi osuneminyaka engu-12 wasungulwa uhlose ukuletha injabulo kubantu, ukhuthaze ubumbano futhi uveze amakhono namathuba atholakala emphakathini waKwaMashu.
Umsunguli walo mcimbi, uPhilani Ngwenya, uthi ufisa ukubona abantu baKwaMashu nezindawo ezizungezile behlangana, bejabula futhi besebenzisana ekwakheni amathuba angathuthukisa izimpilo zabo nomnotho.
Uthi enye yezinto ezibalulekile zalo mcimbi wukuguqula indlela iKwaMashu ebukwa ngayo, kugqanyiswe okuhle okwenzeka emphakathini kanye namathuba angavela ngokubambisana kwezakhamuzi namabhizinisi.
“Esikufunayo wukuthi abantu baKwaMashu nezindawo ezisizungezile bathole ithuba lokuzijabulisa, bahlangane futhi bakhe ubumbano. Sifuna lo mcimbi ube yinkundla yokuvula amathuba emisebenzi nokukhombisa ukuthi nomphakathi wakithi unamakhono namathuba angathuthukiswa,” kusho uNgwenya.
Uveze ukuthi ukufinyelela emathubeni emisebenzi kanye nokuthuthukiswa komnotho wabantu bendawo kubalulekile ekwakheni umphakathi onekusasa elingcono.
NgokukaNgwenya, ukugujwa kweminyaka engu-12 kwalo mcimbi kuyithuba lokubheka uhambo oseluhanjwe, kuphinde kuqiniswe umgomo wokuwenza ube nomthelela omkhulu emphakathini.
Uthi ufisa ukuthi iNk Ikasi ingagcini ngokuba yindawo yokuzijabulisa kuphela, kodwa ibe yinkundla exhumanisa abantu, ivule amathuba kosomabhizinisi futhi ikhuthaze intsha ukuthi ibambe iqhaza ekuthuthukisweni komphakathi njengokudayisa ukudla ukuqashisa ngezindawo zokulala.
Lo mcimbi kulindeleke ukuthi ube yithuba lokuthi abantu baKwaMashu nezindawo ezakhelene nawo bahlangane, bagubhe iminyaka engu-12 yalo mcimbi futhi baqhubeke nokwakha ubudlelwano obungasiza ekuthuthukiseni indawo yabo. U Sthembiso Mzimela oyikhansela lendawo uzwakalise ukujabula ukubona umphakathi uzibambela ekuthuthukiseni umphakathi ngomncimbi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bathole uqeqesho Lokuthuthuka Kumabhizinisi Okupheka KwaMashu

Osomabhizinisi abasebenza emkhakheni wokudla bagqugquzelwe ukuthi basebenzise amathuba atholakala...

Uyaqhubeka Umkhankaso Wokuzivikela Ngocansi.

I-AIDS Healthcare Foundation (AHF) South Africa, ngokubambisana nezinhlaka ezinye,...

Kubungazwe Ususuku Lwe National Emergency Medical E Nanda

UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal ubungaze usuku lomhlaba wonke olubizwa...

Bathembise Imali Engango-R124,576 Billion KZN, Kuzodalwa Imisebenzi Engu-207,468

UNgqongqoshe Wezokuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha kanye Nezemvelo uMfundisi uMusa Zondi...