U Ndunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, ubehola umcimbi wokwamukela uhlobo lwezimoto ezisebenzisa amandla ka gesi (New Energy Vehicles) ezithathe uhambo lomgwaqo oluya eThekwini zisuka ezifundazweni ezahlukene, ngaphambi kokwethulwa kwe-Auto Week.
Lolu hambo olusuka eGauteng luze lufike eThekwini luhlanganise nabanye ababambiqhaza abavela eGqeberha, eKuGompo naseKapa, ngenhloso yokuqhakambisa ukusetshenziswa kobuchwepheshe obusha emkhakheni wezokuthutha eNingizimu Afrika.
U Ntuli uthe intengo kaphethiloli inyuka kakhulu, okwenza izidingo zansuku zonke zingathengeki kubantu abaningi, izimoto zikagesi sezibonakala ziyisixazululo.
“Izimoto zikagesi nazo zifaka isandla ekuhlaleni kwemvelo ehlanzekile ngoba azikhiphi intuthu eyingozi, kanti futhi zidlala indima ebalulekile ekuthuthukiseni umnotho ngokudala amathuba emisebenzi.” Kusho u Ntuli.
UMasipala weTheku uthi ukwamukela lolu hambo kuhambisana nezinhlelo zawo zokwakha umnotho okwazi ukumelana nemithelela yokuguquka kwesimo sezulu, kanye nokukhuthaza izindlela zokuthutha ezingalimazi kakhulu imvelo.
IPhini leNhloko yoPhiko lokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku, uTakalani Rathiyaya, lithe ukuthuthukiswa kwezinkampani zasekhaya ezikhiqiza izimoto nezinsiza ezidingekayo kungavula amathuba okukhula kwezimboni nokudalwa kwamathuba emisebenzi.
Uthe lolu hlelo luphinde lunikeze ithuba lokubheka ukuthi umkhakha wezimoto ungathuthukiswa kanjani ukuze ukwazi ukuncintisana futhi ube nekusasa elizinzile.
Lolu hambo luza ngaphambi komcimbi i-SA Auto Week 2026 kanye neNgqungquthela yokuTshalwa kweziMali KwaZulu-Natal, ezoba seDurban ICC kusukela ziyi-13 kuya kumhla ziyi-16 kuMfumfu.
Le micimbi izogxila emathubeni okutshalwa kwezimali, ekuthuthukisweni kwezimboni zezimoto nasekudalweni kwamathuba emisebenzi. UMasipala weTheku uthi ufuna ukuheha abatshalizimali, uthuthukise ukukhiqizwa kwezinsiza zezimoto kuleli zwe futhi wakhe amathuba emisebenzi ehambisana nokuvikelwa kwemvelo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


