I-Democratic Alliance ithi uMasipala weTheku kumele uchaze ukuthi kungani izinkulungwane zamapayipi avuzayo zingalungiswa ngesikhathi, kanti abanye bosonkontileka abaqashwe ukwenza lo msebenzi bathi abakakhokhelwa.
UKhansela we-DA uZamani Khuzwayo uthi ubukhulu benkinga yamanzi eThekwini bubonakala emalokishini, lapho amanzi echitheka emigwaqweni ngenxa yamapayipi avuzayo, amamitha aphukile nengqalasizinda eyonakele.
Uthi eMatikwe naseNanda izakhamuzi zikhala ngokuthi amanzi avuza isikhathi eside engalungiswa, kanti eWestridge, eWard 37, abantu basabhekene nokungatholakali kwamanzi.
Lokhu kuza ngesikhathi sosonkontileka bamapayipi abebhikisha eHalifax Centre, bekhala ngokungakhokhelwa umsebenzi abawenzile.
Omunye wabo uthi imali abayikweletwayo isukela ngonyaka odlule, kanti abanye bathi sebenezinyanga ezimbili kuya kwezintathu bengakhokhelwa. Omunye usonkontileka uthi ukweletwa imali engaphezu kuka-R140 000.
Ummeleli wosonkontileka, uSbusiso Khanyile, uthi abanye abanolwazi lokulungisa amapayipi sebengene ezikweletini njengoba belinde izinkokhelo zabo.
Uphinde waphakamisa ukukhathazeka ngezinguquko ohlelweni lokuqashwa kwabaphathi, kanye nezinsolo zokuthi osokontileka kulindeleke ukuthi bakhokhe u-15% kubaphathi ngemuva kokuphothula umsebenzi.
I-DA ithi izofuna izimpendulo kuMasipala mayelana nezinkokhelo, ukuqokwa kwabaphathi kanye nezinsolo zokuthi ezinye izinkampani sezikhokhelwe kanti ezinye zisalindile.”Lezi zinsolo kumele ziphenywe, uMasipala unikeze izimpendulo ezicacile. Okubalulekile ukuthi osokontileka abafanele bakhokhelwe, abaqeqeshiwe babuyele emsebenzini, kuvulwe izindlela zokulungisa ukuvuza ukuze amanzi agcine esezimpompini zabantu, hhayi emigwaqweni”. Kusho u Khuzwayo.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


