Selidumela Emanstumpeni Ngokwakhiwa Kwenxanxathela Yezitolo E Ntuzuma

Date:

Izinguquko ezinkulu zokuthuthukiswa kwendawo ziyaqhubeka eNtuzuma, kuWard 42, ngenhloso yokukhuthaza ukubandakanywa kwabantu emnothweni kanye nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi kubantu bendawo. Okugqame kakhulu kulolu hlelo ukwakhiwa kweNtuzuma Mall ebiza ngaphezu kuka-R200 million, kanye nokuthuthukiswa kweKwaNozaza ICT Hub okubize u-R32 million.

Lezi zakhiwo ziphinde zibe indawo lapho intsha yakule ndawo ithola khona ithuba lokusebenzisa amakhono efunde kuwo ezikhungweni zemfundo yezandla, iwasebenzise emisebenzini yangempela yokwakha.

Le ntuthuko iyingxenye yemizamo ebanzi kaMasipala yokukhuthaza umnotho wendawo, ukwenza kube lula ukutholakala kwezitolo nezinsiza zobuchwepheshe ezisezingeni, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuhlomisa imiphakathi ngamakhono angabasiza ukuba baziphilise ngendlela esimeme.

Ukwakhiwa kweNtuzuma Mall kuyaqhubeka ngezigaba ezahlukene, kanti kulindeleke ukuthi kuqinise iNtuzuma njengendawo ebalulekile yezitolo nomnotho emphakathini. Le nxanxathela izoba nezitolo ezinkulu, izitolo ezincane, izindlela zokuhamba zangaphakathi nangaphandle, kanye nengqalasizinda ehlanganisa imigwaqo, izindawo ezigandayiwe kanye nokutshalwa kwezihlahla nezitshalo.

Phakathi kwezitolo ezinkulu ezizoba khona kubalwa iShoprite neBoxer.

Lo msebenzi uphinde unikeze intsha yakule ndawo ithuba lokuthuthukisa amakhono, njengoba ababambe iqhaza besebenzisa amakhono abo endaweni yangempela yokwakha. Lawa makhono abandakanya ukufaka amapayipi amanzi, ukufaka ugesi, ukwakha ngezitini, ukupulasitela kanye nokufaka amathayela. Lokhu kwakha ukuxhumana okuqondile phakathi kokuqeqeshwa kanye namathuba emisebenzi.

 Ukuthuthukiswa kweKwaNozaza ICT Hub okubiza u-R32 million nakho kuyaqhubeka. Lesi sikhungo sakhiwa kabusha ukuze sibe yindawo yesimanje yezobuchwepheshe nokuqala izinto ezintsha, okuzosiza ekwandiseni amathuba okuthola amakhono nezinsiza zedijithali emphakathini.

UMasipala uthi lezi zimali ezitshaliwe zibalulekile ekukhuliseni amathuba abantu okuba yingxenye yomnotho, ekuguquleni indlela izindawo ezakhiwe ngayo kanye nasekuthuthukiseni imiphakathi, ikakhulukazi emalokishini lapho amathuba omnotho eseyinselelo enkulu.

Iphrojekthi yeNtuzuma Mall yavulelwa indlela ngenqubo ye-eThekwini Development Planning and Facilitation (EDPF) njengezindawo zokuthengisa nezokuhlinzeka ngezinsiza emphakathini. Le phrojekthi ihambisana nenhloso kaMasipala yokukhulisa umnotho nokudala amathuba emisebenzi, ngesikhathi iqinisekisa ukuthi ukuthuthukiswa kwezindawo kwenziwa ngendlela esebenza kahle futhi ebandakanya wonke umuntu.

UNkululeko Mkhize, oyisekela likamqondisi ungcoma amagalelo entuthuko kulenqalasizinda. “Ukwakhiwa kweNtuzuma Mall, okwesekwa uMasipala weTheku, kuwumsebenzi omkhulu ozimele ongama-square metre angu-18 000, okuhloswe ngawo ukukhulisa umnotho wendawo nokuhlomisa amabhizinisi amancane naphakathi nendawo. Okunye okubalulekile ukudalwa kwamakhulu emisebenzi yokwakha yentsha yakule ndawo kanye nokuhlanganiswa kwamabhizinisi amancane nezitolo ezinkulu uma iphrojekthi isiqediwe ngo-2027. Lokhu kuzokwakha isisekelo sentuthuko esimeme nesibandakanya wonke umuntu.” Kusho u Mkhize

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kwandiswe Ezokuthutha Kumasipala WeTheku

IMeya yomkhandlu WeTheku uKhansela Cyril Xaba, wethule ngokusemthethweni izimoto...

UMengameli U Ramaphosa Uncome I Theku Ngokusingatha I 46-SADC Summit

UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, uncome uMasipala weTheku ngokusingatha ngempumelelo...

Umlingisi odumile ongowokudabuka eThekwini uZamani Mbatha uthi ayikho into...

U Ntuli Ukhuthaza Ukubekwa Phambili Kwezidingo Nqangi

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uthi ukusheshiswa kokulethwa kwezidingo kubantu...