Breaking News

Women month message

1 0

Khwezi Ngcobo

Mbokodo Zimbali zezwe qhubekani nokuba abalekeleli. Zithandeni nizinakekele ngoba umuntu wezifazane uyisibani esihle sezwe. Uyilokhu ozitshela ukuthi uyikho!

#PhakamaMbokodo

NOkukhanya Busane

Kulenyanga sigubha iqhaza elabanjwa yintsha ku 1976 ilwisana nobandlulula kanye nobugqila .Namuhla kumele silwisane nokuzinyeza kanye nokungazithembi singabantu abasha ,Siphila ezweni lenkululeko konke kusezandlen Zethu.

Zinhle Cebekhulu

Imfundo ibalulekile Kanye nokuziphatha uma umuntu wesifazane. Unamandla okwenza noma yini empilweni yakho ibe yimpumelelo. Akekho umuntu ongakuvimba kokholelwa yikhona. Lapho ukhona Sukuma uzithathe, ufunde ukuzimela empilweni yakho. Sibambene singenza okuningi, “Wathinta, “Abafazi wathint’ Imbokodo”.

Nelisiwe Magwaza

Akekho  umuntu obaluleke njengomuntu wesfazane , muntu wesmame noma ngabe ukuphi okumele ukwazi ukuthi uyimbokodo kumele uqini ungavumeli izinkinga zomhlaba zimoshe impilo yakho. Ngaphandle komuntu wesfazane  ikhaya liyabanda niqhubeke, nokuziphatha kahle nizinakekele mbokodo snakekele nabantwana bethu bamantombazane sibe isibuko kubona  #qinina mbokodo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *