IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini aqhamuka ku-African National Congress (ANC), yathi lesi sinyathelo siyinkomba yokuthi abantu abaningi sebebona le nhlangano njengeyona engaletha uguquko.
Amakhansela uDavid Ngubane noMarco Mbambo, bebengamakhansela kuma wadi aseThekwini kusukela ngo-2021, banqume ukushiya i-ANC bajoyina i-DA ngoba bethi bayahambisana nezimiso zayo nombono wayo wokwakha uhulumeni onobulungiswa, oziphendulelayo futhi osebenza ngendlela efanele. I-DA ithe isinqumo salaba bakhansela sikhombisa ukuthi i-ANC ayisathembwa kuphela ngabavoti baseThekwini, kodwa isiqalile nokulahlekelwa ukwesekwa ngabantu abangaphakathi ezinhlakeni zayo.
UNgubane okunguyena olandele umngani wakhe oxoshwe ngomlayezo ka Whattapp uzichaze njengomfundisi nomuntu onokuthula. “I DA inabantu abanukuthula njengoba ngingumfundisi nje shuthi ngikhethekahle nami. Uma ungumholi lapha phansi emawadini ukuthula akukho ufika ekhaya bethi nangu esebuyile siyabonga ngoba sivika izinhlamvu. Ngibona ukuthi kwi DA kuzoba lula kakhulu ekhayeni lami elisha umdonsiswano ubusekhaya lami elidala ayikho lapha.” Kusho u Ngubane.
U Mbambo uzithobe amnxeba ngokungapholisi maseko waphumela obala ngokuba yilungu eligcwele le DA ngemuva kokuxoshwa kwakhe ebizwe nge mpimpi kwi ANC. “Ngiqale ukuthola izincigo kusuke ngezikhathi zabo 13:30 ngangenza umsebenze njengokujwayelekile ngehlelwa isehlo sika whattapp ngangihlela umncimbi omkhulu kwi ward. Bangibize ngempimpi ye DA nangamagama kwangiphatha kabuhlungu lokho kodwa ngathatha isinqumo sokuthi angivele ngibajoyine nginethemba lokuthi ngoba umsebenzi ngyawazi ngizoqhubeka ngisebenze nakwi khayalami elisha”.
Le nhlangano ithe iyaqhubeka nokukhula futhi isikulungele ukwamukela abanye abaholi bemiphakathi nabavoti abakholelwa ezimisweni zayo zenkululeko, ubulungiswa, amathuba alinganayo kanye nokuhlonishwa kokwehlukahlukana.
I-DA ithe ikholelwa ukuthi ulwazi uNgubane noMbambo abanalo ekusebenzeleni imiphakathi yabo, ubudlelwano babo nabantu kanye nokuzimisela kwabo ukuletha intuthuko kuzoba wusizo emizamweni yokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingo zomphakathi eThekwini.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

