Inhlangano i-KwaMashu Youth Crime Prevention Desk ihlele ingqungquthela yesibili yaminyaka yonke i-Siyabadodisa Seminar ngenhloso yokukhulisa, ukuqondisa nokukhuthaza abafana basezikoleni zamabanga aphezulu ukuba babe ngabaholi abanomthwalo wemfanelo emphakathini. Lenkomfa ibanjelwe KwaMashu G Hall, lapho kuhlangane khona abafundi besilisa abavela ezikoleni zemfundo ephakeme eziyisishiyagalolunye ukuze bathole ulwazi nezifundo ezizobasiza ekwakheni ikusasa elingcono.
Abethimba lenhlangano ebizwa ngokuthi yi Isigungu sezinsizwa basike elijikayo ukucobelela intsha ngokuziphatha emphakathini. Inhloso yale nkomfa babalule ukuthi ukudodisa abafana abasakhula nokubanikeza ithuba lokwazi ngempilo yangangaphandle kwesikole. Ongusihlalo wezokuphepha emphakathini okuhlanganisa ne community Neighbourhoodwatch EThekwini u Andile Jali uchaze usuku lwenhlanganisela njengosuku lokudodisa izinganga zabafana.
”Siyakholelwa kakhulu makuthiwa inkunzi isematholeni esikutholayo ukuthi izingane zinikezwe amalungelo amaningi. Okwethu ukuthi sibakhombise indlela sizobakhumbuzake ukuthi kumele bedlalele kude nezidakamizwa benake ikusasa labo. Okubi kakhulu ukuthi abadayisa izidakamizwa ezabo izingane aziwadli ziba nekusasa elihle. Namhlenje sesinabantu okuthiwa abanamakhaya yingenxa yazo izidakamizwa abanye bahamba bonile bahluleka ukuphathwa sizothike indlela ibuzwa kwabaphambili.’’ Kusho u Jali.
U Siyabonga Hlongwana ovela ophikweni lwentsha kumkhundlu weTheku uthi komele kuqale beqonde igama lokuthi yini indoda noma lichaza ukuthini igama elithi uyindoda.”kunezinto eziningi okuyofanele sizikhumbule ngathi ngakhoke kuzomele silifune sithole leligama elithi uyindoda. Ukufuna leligama ungabafaki abangani bakho kepha zibheke wena. Lenyang eyamadodo komele siziqhenye si ngama doda, elokuba ngumuntu wesilisa lisenza sizizwe singaphephile emphakathi ngoba okwenzakalayo kuthiwa umuntu weslisa. Asingahlulwa yimithetho yase makhaya bese siyogcwala ngaphansi kwamabriji EThekwini, bonke basuka emakhaya bahlulwe yimthetho komele niziphathe kahle emphakathini nihloniphe.’’ Kusho u Hlongwane.
Umnculi kamasikandi obuye abe yinxenye yethimba le Isigungu Samadoda uchaze igama lokuba yindoda nje ngegama okumele limlandele umuntu ngezenzo zakhe. Ekhuluma lapho bekuhlangene khona abafundi besilisa abavela ezikoleni ezahlukene ugcizelele ukuthi umyalelo wabazali kanye nowothisha eskoleni komele bewuhloniphe.
‘Asizile ukuzoshintsha umfana kodwadwa sizomkhipha kokokuphambuka njengengane sizomupha umqondo wokuba mudala, uma uyinqwele uyaba nomuntu obukela kuyena konke akwenzayo okusenza nathi sikwazi ukufinyelela kubo emphakathini sibazisi ukuthi iyiphi indlela okumele uziphathe ngayo ukuzi ungagcineli ejele, elikhulu kakhulu elokuhlonipha umazise umuntu omndala kunawe’’. Kusho u Saliwa.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

