Iyaqhubeka Imizamo Yokuhlonza Odukile Kusha Imijondolo

Date:

I Balelwa ku-427 imindeni esale dengwane ngemuva komlilo oqhamuke emijondolo yaseJika Joe eMgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ngokusebenzisa iSikhungo sesiFundazwe sokuLawulwa kweziNhlekelele (Provincial Disaster Management Centre), usebenzisana noMasipala waseMsunduzi kanye  ukuqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola usizo lwesikhashana.

Abezicishamlilo bakamasipala waseMsunduzi bakwazile ukulawula nokucisha umlilo, kanti imbangela yawo isaphenywa.

Bane abantu abalimale emlilweni base bephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa, kanti oyedwa kusolwa ukuthi usadukile njengoba uphenyo nomkhankaso wokumfuna kusaqhubeka.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu uThulasizwe Buthelezi, uncome ukusebenza ngokushesha kwezinhlaka ezibhekene nezinhlekelele kanye nabezimo eziphuthumayo. Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile, wafisela abalimele ukululama ngokushesha.

UNgqongqoshe uButhelezi uthe umnyango wakhe, ngokubambisana noMasipala waseMsunduzi nabanye ozakwabo, uyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi yonke imindeni ethintekile ithola usizo oluphuthumayo.

Uthe le nhlekelele iveza ubungozi obubangelwa yimililo emijondolo ngesikhathi sasebusika, njengoba abaningi besebenzisa umlilo ovulekile ukuze bazifudumeze. Uthe izindlu zemijondolo ezivutha kalula, zihambisana nomoya onamandla wasebusika, zandisa amathuba okuqubuka kwemililo.

Uphinde wanxusa umphakathi ukuba uqaphele kakhulu ekusebenziseni umlilo ovulekile nezinye izindlela zokuzifudumeza ukuze kugwemeke ezinye izinhlekelele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Abahlomule Ngendondo Yokuba Ngamaqhathanzipho Bahambele Emphakathini Ukuyohlola imisebenzi Eqhubekayo

UMasipala waseMthonjaneni, osanda kuhlomula ngendondo ye-Cleanest Town with Best...

Undunankulu Wesifundazwe Ubambe Umhlango Wezinsuku Ezimbi Wokwakha Amacebo Entuthuko KwaZulu Natal.

Undunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, uhole umhlangano wezinsuku ezimbili wokwethulwa...

Kubekwe Eceleni Imali EngangoR73 million Ukuhlomulisa Intsha Esifundazweni

Unqonqoshe  woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA),...