Undlukulu uNtokozo KaMayisela-Zulu usenxuse abesifazane abakhulisa izingane bebodwa ukuba bayeke ukuzisola noma ukuphila nentukuthelo ngenxa yabesilisa abangafuni ukubamba iqhaza ekukhuliseni izingane zabo.
UNdlunkulu uKaMayisela ukusho lokhu ngesikhathi eyisikhulumi esiqavile emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo i-Ivukuthu Ibutho Lembube e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Lolu hlelo oluqalwe yinhlangano iNew Man Rising eholwa ngumlingisi uMsizi Masoja, odume ngoNkunzi Mhlongo emdlalweni Uzalo, luhlose ukwakha abafana babe amadoda anesimilo, luphinde lunikeze nethemba emadodeni asekhulile.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe abesifazane kufanele bamukele ukuthi abakwazi ukuphoqa owesilisa ukuba abe ubaba enganeni yakhe uma yena engafuni.
“Awusoze wayiphoqa indoda ukuba ithande ingane yayo. Okufanele ukwenze njengomama ukuzixolela ngokuthi wake wakhetha lowo muntu. Uma usuhlale usolwa yileso sinqumo, ugcina usukhulisa ingane usenentukuthelo,” kusho yena.
Uthe okunye okubuhlungu ukuthi omama bagcina bekhiphela ubuhlungu babo ezinganeni ngokuzifanisa nobaba bazo.
“Senza iphutha uma sitshela izingane ukuthi zifana nobaba bazo ngenxa yentukuthelo esinayo. Lezo zingane kwesinye isikhathi azimazi nhlobo lowo baba, kodwa zikhula sezimzonda ngenxa yalokho ezikutshelwayo,” kusho yena.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe sekuyisikhathi sokuthi umphakathi uqale ukunaka impilo yengqondo yamadoda ngoba amaningi aphila namanxeba asebuntwaneni angakaze aphole.
“Indoda ikhula ngomzimba kodwa ngaphakathi kusuke kusekhona umfana omncane olimele. Uma engapholi, ugcina eselimaza nabanye abantu. Yingakho kufanele amadoda avunyelwe ukukhuluma ngobuhlungu bawo ngaphandle kokwahlulelwa,” kusho yena.
Uthe isiko lokutshela abafana ukuthi indoda ayikhali yilo elenza abaningi bakhule befihla izinhlungu zabo baze bagcine sebeziphilisa ngendlela engafanele.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe ngenxa yokusebenza kwakhe nabafana abasebancane usethole ukuthi baningi abathwele ubuhlungu obukhulu kodwa beswele umuntu abangakhuluma naye.
“Uma uhlala phansi nalaba bafana uyamangala ngezinto abadlule kuzo. Yingakho ngifisa nezingane zami zibe yingxenye yalolu hlelo ngoba ngiyazi ukuthi kuzofika isikhathi lapho zingase zingakwazi ukukhuluma nami, kodwa zikwazi ukuthola omunye umuntu ezingamethemba,” kusho uKaMayisela.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

