Bangaphezu kwekhulu (100) abantu abasha abangaphansi kamasipala Inkosi Langalibalele Municipality abahlomule ohlelweni lokuqeqeshwa ngamakhono edijithali, okubalwa ubuchwepheshe besimanje (Artificial Intelligence – AI), yokugubha imnyaka engu 50.
Oyinhloko yomnyango yentsha nezingane, uBhekisisa Ngcobo, uthe lolu hlelo luhlose ukuvulela intsha amathuba emnothweni wedijithali ukuze ikwazi ukuziphilisa ngamakhono ayo.
“Loluhlelo lunezinhloso ezine ezisemqoka, kanti eyokuqala ukuqwashisa abasunguli bokuqukethwe ezinkundleni zokuxhumana ngamathuba okutshalwa kwezimali nawoxhaso lwamabhizinisi. Intsha eningi ayiwazi la mathuba, kanti nalabo abawaziyo bavame ukungakwazi ukuwasebenzisa ngendlela efanele” kusho u Ngcobo.
U Ngcobo uthe inhloso yalolu hlelo akukhona nje ukukhiqiza osaziwayo ezinkundleni zokuxhumana, kodwa ukusiza intsha ibone ukuthi okuqukethwe ekudalayo kungayilethela inzuzo yezomnotho.
Uqhube wathi abahlanganyeli bazofundiswa nangendlela izinkundla zokusakaza eziku-inthanethi nezamavidiyo ezisebenza ngayo, nokuthi iziteshi zethelevishini zikhetha kanjani okuqukethwe ezikusakazayo, ukuze bakwazi ukuthengisa umsebenzi wabo kulezo zinkundla.
U Simphiwe Ngongoma oyinhloko ye Mkhambathi Chamber of Commerce & Industry ugqugquzele intsha ukuba ibeyinxenye yaloluhlelo lokufundiswa ngobuchwepheshe besimanje manje.
“Syazi ukuthi intsha yase Mtshezi izozimisela kuloluhlelo lokuthuthukiswa kwezobuchwepheshe. Uhlelo ludonse izinsuku ezine kuqeqesho. Sisalindele abanye makuqhubeka uhlelo” kusho u Ngongoma.
Uthe lolu hlelo luyingxenye yemigubho yeminyaka engama-50 yentsha futhi luhlose ukuhlomisa abantu abasha ngamakhono adingekayo ukuze bakwazi ukuncintisana emnothweni wedijithali nowesimanje.
https://vt.tiktok.com/ZSCurkHnW
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

