Kuqopheke Umlando Imnyango Ka Hulumeni Yamukela I Memorandum Ye March And March

Date:

Kuqopheke umlando e Ningizimi Africa Izifundazwe zibayinxenye ye March and March eyasungulwa ngu Jacinta Ngobese-Zuma ngenhloso yokulwisana nabokufika abase Ningizimu ngokungemthetho.
Izinkulungwane ezizinze esifundazweni sa KwaZulu Natal zimashe zisuka eKing Dinuzulu Park zaya eSouth Beach police station lapho zidlulisele khona izikhalazo kuhulumeni zifuna kuthathwe izinqumo kwabokufika abahlala e Ningizimu ngokungekho emthethweni.

Le memorandamu yamukelwe oyisekela likangqongqoshe Wamaphoyisa, uPolly Boshielo, noyisekela likangqongqoshe WezaseKhaya, uNjabulo Nzuza, kanye nemeya yeTheku, uCyril Xaba, abathe bazoyidlulisela eminyangweni efanele ukuze kubhekwane nezikhalo eziphakanyiswe ngababhikishi.

Amaqembu ezepolitiki azwakalise ukukhathazeka ngodaba labokufika u Mduduzi Myeza oyilunga le Inkatha Freedom Part, uthi bakhathazekile ngokwanda kwabantu bokufika abangekho emthethweni, bethi lokhu kunomthelela kwezokuphepha, emathubeni emisebenzi nasekuhlinzekweni kwezinsiza zomphakathi.
Banxuse uMnyango WezaseKhaya ukuthi uqinise ukulawulwa kwemingcele, kusheshiswe ukuhlolwa kwamaphepha abantu bokufika futhi kuthathwe izinyathelo kulabo abahlala kuleli ngokungemthetho.

Ekhuluma ngesikhathi ethula I memorandum u Jacinta Ngobese-Zuma uthe umkhankaso wabo awuhlosile ukuhlasela abantu bakwamanye amazwe, kodwa ufuna ukuthi imithetho yezwe isebenze ngokulinganayo kuwo wonke umuntu. Uthe umphakathi ufuna uhulumeni athathe izinyathelo ezisheshayo ukulwa nokungena kwabantu ngokungemthetho.

U Jacinta Ngobese-Zuma uphinde wamemezela ukuthi uLwesine kuzoba wusuku lokuMasha kuze kuphendulwe izikhalo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...