Seluze Lwaphethwa Uhlelo Lokuhlaliswa Abokufika Okuyisikhashana E Drive-In

Date:

UMasipala weTheku ukhiphe istatimende esiqinisekisa  ngokuqhubeka kohlelo lokuthuthwa kwabokufika baseMalawi abangekho ngokusemthethweni ezweni, abakhishwayo esikhungweni sesikhashana saseThekwini esibizwa ngokuthi yi Drive-In beyiswa endaweni yesikhashana eMusina, esifundazweni saseLimpopo.

 Njengoba lolu hlelo selungena esigabeni sokugcina, itende elikhulu ebelisetshenziswa kule ndawo selidiliziwe, kanti nezinye izakhiwo zesikhashana ziyaqhubeka nokudilizwa.

Amatende asetshenziselwa ukuhlinzeka ngezidingo ezibalulekile azoqhubeka nokuma kuze kuphothulwe ngokuphelele uhlelo lokuthutha nokubuyisela laba bokufika emazweni abo. Kulindeleke ukuthi lokhu kuqedwe namuhla noma ekuseni kusasa.

UMasipala usulungiselela ukuvala ngokuphelele lesi sikhungo sesikhashana uma bonke abantu abasele sebethuthiwe.

Amabhasi ayaqhubeka nokufika, alayishe abagibeli bese esuka njalo ebheke eMusina, njengoba umsebenzi wokuthutha ususondele ekupheleni.

UMasipala waseTheku uthe usazibophezele ekwesekeni uHulumeni Kazwelonke ukuze kuqinisekiswe ukuthi lolu hlelo lokubuyisela laba bokufika emazweni abo lwenziwa ngendlela ephephile, enesithunzi futhi ehlelekile.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Ugcizelele Eyokulungiswa Kwenqalasizinda U Xaba

U Meya womkhandlu we ITheku, uKhansela Cyril Xaba, uthe...

Kucijwe Osomabhizinisi Kumasipala WeTheku

Bahlomule ngohlelo lokuqeqeshwa osomabhizinisi abasemkhakheni wezamaciko namasiko kumasipala ITheku....

ITheku Likulungele ukwamukela izinkumbi zabalandeli bePirates Ne Sundowns

Sekubhekwe ngabomvu umdlalo wamanqamu weMTN8 ka-2026 ozohlanganisa i-Orlando Pirates...

Lisahamba Phambili ITheku Kwezokuvakasha

Umasipala weTheku usezinhlelweni zokuqinisa ukusebenza kwezomnotho kwe-uShaka Marine World...