Umasipala Uzibophezele Ukuhlinzeka Ngamanzi Anele Emphakathini

Date:

Selidumela emansumpeni ngesakhiwo esizohlinzeka ngamanzi Umkhomazi water scheme esizophakela Isiphingo, Umbongotwini, Umgababa Kanye ne Craigeburn Lolu hlelo luzodonsa amanzi angahluziwe emfuleni i uMkhomazi  ukuze luqinise ukunikezwa kwamanzi ezindaweni zase Ningizimu yetheku, ikakhulukazi iIsiphingo, u Mbogintwini, Umgababa neCraigieburn. Kulindeleke ukuthi lolu hlelo lumenyezelwe ngaphambi kokuphela konyaka.

Amalungu e-Presidential eThekwini Working Group (PeWG) ahambisana nethimba elivela eHhovisi likaMongameli, izikhungo zikahulumeni zikazwelonke nezasesifundazweni, kanye nabaholi be-eThekwini Municipality, bavakashele isikhungo esisakhandwayo. Ukuvakasha kuhlanganise ukuchazelwa ngobuchwepheshe, ukuhamba nesayithi kanye nokunikezwa isibuyekezo sokuthi umsebenzi uhamba kanjani.

UMeya Xaba uthe i-uMkhomazi Water Scheme iyiprojekthi yokuguqula isimo sokutholakala kwamanzi, esiza ukuqinisa umnotho nokuthuthukisa izinga lempilo. Uqhube wathi le phrojekthi izophinde ikhulise ukuzethemba kwabatshali-zimali futhi ivuse nezomnotho esifundeni.

“Siyabona intuthuko enkulu ku-Lower uMkhomazi Bulk Water Supply Scheme. Isonto eledlule kwafakwa umkhandlu/inkontileka ezoqala isigaba sesibili eWater Treatment Works. Lesi yisigaba sokugcina sohlelo olubiza R11 billion, oluhlanganisa idamu lokugcina amanzi, indawo yokudonsa amanzi, kanye nesikhungo sokuwacubungula. Uma sekuqediwe, sizokhiqiza 100 megalitres ngosuku, lapho 75 megalitres zizohanjiswa e-eThekwini Municipality. Lokhu kuzokwanela ukuhlinzeka zonke izindawo eziseningizimu, kusukela e-Isiphingo kuya e-uMkhomazi.” Kusho u Xaba.

Umeya uphethe wathi nakuba iphrojekthi ibambezeleka ngenxa yezinqubo zomthetho, uMngeni-uThukela Water uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi imiphakathi iqala ukuthola amanzi ekupheleni konyaka ozayo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...

Ukhale Wamuka Nomngani Oxoshwe ngomlayezo ka  Whattapp

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini...

Seziqalile Izinxoxo Zokubhunga Ngokukhulisa Umnotho

Sonto Lezimboni le-SADC (SADC Industrialisation Week) liwumcimbi omkhulu wale...