Kuzothuthukiswa Ezobuchwepheshe Ekukhishweni Kwezitifiketi Zezikweletu Kumasipala

Date:

UMasipala waseThekwini usuzokwethula uhlelo olusha olubizwa ngeRevenue Clearance System (RCS) ekuqaleni konyaka omusha wezimali, ngenhloso yokwenza kube lula futhi kusheshiswe inqubo yokukhishwa kwezitifiketi zokucaciswa kwezikweletu zentela yezakhiwo (Rates Clearance Certificates).

Lokhu kumenyezelwe ngesikhathi uMasipala ubuhlangene nabameli bezokudluliswa kobunikazi bezakhiwo (conveyancers) emhlanganweni waminyaka yonke obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium ngoMsombuluko.

Lo mhlangano uhlose ukuqinisa ubudlelwano phakathi kukaMasipala nabameli bezokudluliswa kobunikazi bezakhiwo, ukwabelana ngolwazi olusha kanye nokuthola imibono mayelana nenqubo yokukhishwa kwezitifiketi zokucaciswa kwezikweletu.

Uhlelo olusha lwe-RCS kulindeleke ukuthi luthuthukise kakhulu izinga lezinsiza ngokwenza ngcono ulwazi olufakwa ngesikhathi kufakwa izicelo, luvumele ukukhokhwa kwemali yesicelo ngqo kuMasipala, lunciphise ukubambezeleka, lwenze kube lula ukukhokhwa kwezindleko zokuhlolwa kwezicelo, futhi lwenze ukuthi izitifiketi zikhishwe ngokuzenzakalela.

Lolu hlelo luzophinde luthuthukise ukuxhumana phakathi kwabafake izicelo noMasipala njengoba luzovumela abasebenzisi ukuthi balandelele izicelo zabo ngesikhathi sangempela, babone ukuthi sezikuphi futhi bathole izaziso ngezinguquko zesimo sazo.

IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, ithe inqubo yokukhishwa kwezitifiketi zokucaciswa kwezikweletu ibalulekile ekwenzeni ukuthengiswa kwezakhiwo kuqhubeke kahle futhi isekele ukukhula komnotho.

“NjengoMasipala sizibophezele ekuqhubekeni nokuthuthukisa nokusheshisa le nqubo ukuze sisebenzele kangcono izakhamuzi kanye nomkhakha wezakhiwo. Ngokuxhumana okuqhubekayo nabameli bezokudluliswa kobunikazi bezakhiwo sikwazile ukubona izinselelo ezikhona futhi sasebenzisa izixazululo ezisebenzayo,” kusho uXaba.

Uveze ukuthi le mihlangano eyaqala ngo-2023 isiveze imiphumela emihle njengoba isikhathi sokuphothulwa kwezicelo sehle kakhulu.

“Sikwazile ukwehlisa isikhathi sokuphothulwa kwezicelo sisuka ezinsukwini eziphakathi kuka-33 no-50 saya kwezingu-20 kuya kwezingu-45, okukhombisa ukubaluleka kokusebenzisana nokwenza ngcono izinqubo,” kusho yena.

UMasipala uvumile ukuthi zisekhona izinselelo ezithinta inqubo yokukhishwa kwezitifiketi, okubalwa kuzo ukushoda kwabasebenzi, izinkinga ezithinta abasebenzi, ukungatholakali kwamamitha amasha amanzi nogesi, ukuthembela ezinhlelweni ezenziwa ngesandla kanye nokuphazamiseka kwezobuchwepheshe.

Ekhuluma egameni lenhlangano yabameli bezokudluliswa kobunikazi bezakhiwo eThekwini, uSifiso Msomi wamukele lo mhlangano futhi wancoma ukuzimisela kukaMasipala ekusebenzeni ngokusobala nangokubambisana.

“Siyalithokozela ithuba lokuxoxa ngqo noMkhandlu wedolobha kanye nokuvuleleka kwawo ngezinkinga ezikhona. Le mihlangano idala inkundla yokuthola izixazululo nokwenza ngcono izinsiza kubo bonke ababambiqhaza,” kusho uMsomi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Liyanyuka Izinga Lebhola Esifundazweni

Ama-Playoffs eSifundazwe  saKwaZulu Natal e Hollywoodbets kanyaka-2026 aphethwe ngempumelelo...

Umasipala Uthuthukisa Umphakathi Ngokusebenzisa Ezobuchwepheshe

UMasipala weTheku uthi uzosebenzisa idatha (data) ukusheshisa ukulethwa kwezinsiza...

Uyaziqhenya ngomjaho wamahashi okhala ngokungabibikho kwamathuba omsebenzi.

Onqobe kumjaho omkhulu weDundee July 2026, uSiyabonga "Zozo" Mabaso...

Ibandla Likhande Ubudlelwane Nomasipala

Isigameko sokudilika kodonga ebandleni lamaNazaretha eBuhleni Village e Nanda,...