Bakhalelwe Amasongo Kasigonyela Abathintekayo Ekubulaweni kwamalunga Omndeni Ayisikhombisa

Date:

Bekubhalwe usizi emphakathini ngesikhathi kubanjwe umngcwabo wabantu abayi-7 bomndeni wakwaMonswamy nowakwaPadayachee eStanger High School Sport Ground ngaphansi kukaMasipala waKwaDukuza, kulandela ukubulawa kwabo ngesihluku okushaqise isifundazwe sonke.

Le nkonzo ibihanjelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, abaholi bendawo kanye namalungu omphakathi ukuzoduduza imindeni.

Lesi sigameko sishiye umphakathi wonke waKwaZulu-Natal kanye nezwe lonke lisematheni njengoba abantu bezama ukubhekana nokulahlekelwa kwabantu abangenacala ngendlela enonya kangaka.

Ikhansela uRay Govender waseMhlathuze udlulise ukubonga bonke abebekhona, ikakhulukazi uNdunankulu. “Siqoqene lapha ngaphansi kobumnyama bezimo ezinzima, usizi oluthinte izinhliziyo zomphakathi waseRichards Bay. Kubuhlungu ezinhliziyweni zethu ukuma phambi kwenu namuhla,” kusho u Govender.

Uqhube wathi ukuba khona kukaNdunankulu nokuvakashela kwakhe umndeni oshonelwe kukhombisa ubuholi obunozwela kulezi zikhathi ezinzima.

UNdunankulu uNtuli uthe lesi sigameko siyisenzo esinonya, esishaqise hhayi umphakathi kuphela kodwa nesifundazwe sonke. Udlulise amazwi enduduzo egameni likaMengameli uCyril Ramaphosa. Uthe

“Emndenini, awekho amagama angakwazi ukuthwala ubunzima balokhu kulahlekelwa. Simi nani ekulileni, ebumbanweni nasekusekeleni kulesi sikhathi esinzima.”

UNtuli uphinde wancoma umsebenzi owenziwe amaphoyisa kanye nomphakathi ngesikhathi kubikwa ukuthi laba bantu banyamalele.

“Siyancoma iSAPS, izinkampani zezokuphepha kanye nomphakathi abahlangene ngokushesha ukuzama ukubathola. Lokhu kukhombisa ubunye bethu njengabantu abangaphenduki ezikhathini zobunzima kodwa abamelana nazo ndawonye,” kusho uNtuli.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa abophe abasolwa abathathu kungakapheli amahora angama-24, kanti imoto ebilahlekile isitholakele. Kusafunwa omunye umsolwa oyedwa ongakatholakali.

UNdunankulu uthe ngeke baphumule kuze kube kuboshwa bonke abathintekayo.

“Asiyikuphumula kuze kube yilapho bonke ababhekelele lesi senzo belethwa phambi komthetho. Sizimisele ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka ngalobu bugebengu obungenanhliziyo,” kusho uNtuli.

Inkonzo iphethe ngomlayezo wobumbano nokuzimisela komphakathi ukufuna ubulungiswa kulabo abashonile.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Durban Gears Up for Africa’s Travel Indaba 2026 Under the Theme “Unlimited Africa”

Durban is preparing to host Africa’s Travel Indaba 2026...

Business Fair Showcases The Local Innovation And Growth

The Durban Business Fair (DBF) continues to cement its...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokufukula Osomabhizinisi Abasakhulu.

Bebebhalwe injabulo emehlweni osomabhizinisi abahlomulile kwizindondo zosomabhizinisi abasakhulayo e...

Undunankulu Uququzele Umphakathi Ukuba Usebenzise Umhlaba Ngendlela Efanele

UNdunankulu waKwaZulu-Natal,  uThamsanqa Ntuli, uhole amalungu eKhabhinethi yesiFundazwe ngesikhathi...