UNgqongqoshe woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natali, u Mfundisi Thulasizwe Buthelezi wamukele ngezandla zombili ukwesekwa ngokusemthethweni kwe-Congress of Traditional Leaders of South Africa ohlelweni lokwabiwa kwezimoto nezinsiza zokusebenza zamaKhosi esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Lolu hlelo luhlose ukweseka nokuthuthukisa ukusebenza kwabaholi bendabuko emphakathini, lapho izimoto zabelwe khona imikhandlu yendabuko engama-30 njengengxenye yohlelo oluzoqhubeka minyaka yonke kuze kuhlomule wonke amaKhosi esifundazweni.
Lolu hlelo lulandela enye inqubekelaphambili ebalulekile eyethulwe uMnyango wakwa-KZNCOGTA, lapho wonke amaKhosi esifundazwe efakwe ngaphansi kohlelo lomshwalense wokwelapha ngokwezempilo. Lesi yisinyathelo esiqinisekise ukufinyelela kwezinsiza zezempilo kalula futhi kwabuyiselwa isithunzi samaKhosi njengabagcini bamasiko nemiphakathi.
UMongameli we-CONTRALESA, uKgoshi Mokoena, udlulise umlayezo obhaliwe wokubonga kuNgqongqoshe umfundisi uButhelezi ngokuveza ukwesekwa okusemthethweni kwenhlangano kulolu hlelo. Kule ncwadi, uMokoena unxuse uNgqongqoshe ukuthi aqinisekise ukuthi wonke amaKhosi esifundazwe ayazuza kulolu hlelo olubalulekile.
“Ngqongqoshe wami, qhubeka nokusebenzela wonke amaKhosi akuleso sifundazwe, ninokwesekwa okuphelele kwe-CONTRALESA,” kusho uKgoshi Mokoena encwadini yakhe.
UNgqongqoshe umfundisi Buthelezi ugcizelele ukuzibophezela kwakhe ekuqinisekiseni ukuthi abaholi bendabuko bathola ukwesekwa nezinsiza ezifanele isithunzi sabo njengabagcini bemiphakathi.
“Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi amaKhosi ethu athola izinsiza zokusebenza ezizowasiza ekusebenzeleni imiphakathi yawo ngempumelelo. Lokhu kuyindlela yokubuyisela isithunzi sabo nokuthuthukisa ukusebenza kwezinhlaka zobuholi bendabuko,” kusho umfundisi u Buthelezi.
Lolu hlelo lwezimoto zamaKhosi kulindeleke ukuthi luthuthukise ukusebenza koMkhandlu Wendabuko, lwenze kube lula ukufinyelela emiphakathini yasemakhaya, futhi luqinise ukubambisana phakathi kukahulumeni nabaholi bendabuko.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

