Thursday, March 12, 2026

Unikele Ngo R100 000 000 Emnyangweni Wezenhlalakahle Usomabhizinisi WaseMhlanga

Date:

Kukhombisa izithelo ezinhle ukuqala kwenqunquthela yezinsuku ezimbili yomnyango wezenhlalakahle nokubambisana nezinhlelo zokuthuthukiswa komphakathi oholwa ngunqonqoshe u Mbali Shinga. Lenqunquthela ebanjelwe e hotela laseMhlanga ihanjelwe nangosomabhizinisi asebehlomulile kuhlelo lomnyango lokuthuthukisa osomabhizinisi.

Ukuvikelwa komphakathi kuyingxenye ebalulekile yohambo lwentuthuko, futhi kufanele kube indlela eya ekunikezeni abantu amandla kanye nokubamba iqhaza emnothweni. “Ukuvikelwa komphakathi kumele kube ibhuloho elixhumanisa abantu namathuba okuthuthukisa amakhono, ukuqalisa amabhizinisi kanye nokuthola imisebenzi.

Yingakho umnotho wokunakekela (care economy) ubalulekile. Uhlanganisa izinsiza zokunakekela izingane, ukwesekwa kwengqondo nangokomzwelo, kanye nezinhlelo zokunakekela ezisekelwe emphakathini. Lezi zinsiza zakha isisekelo semiphakathi enokuthula, eqinile futhi ekwazi ukumelana nezinselelo.

Ngaphezu kwalokho, lezi zinsiza zenza kube lula kubazali ukuthi basebenze ngoba izingane nemindeni yabo iyakwazi ukunakekelwa. Noma kunjalo, naphezu kokubaluleka kwalo mkhakha, usalokhu ungabhekwa kakhulu futhi ungatshalwa mali ngokwanele. Sekuyisikhathi eside umsebenzi wokunakekela ubhekwa kancane kunalokho okufanele. ”Kusho u Shinga.

U Vathiswa Ncukane omele umasipala weTheku kulenqunquthela uthi ukuvikelwa komphakathi kufanele kube yingxenye ebalulekile yohambo lwentuthuko, futhi kufanele kube indlela eya ekunikezeni abantu amandla kanye nokubamba iqhaza emnothweni.

“Umnotho wokunakekela (care economy) ubalulekile. Uhlanganisa izinsiza zokunakekela izingane, ukwesekwa kwengqondo nangokomzwelo, kanye nezinhlelo zokunakekela ezisekelwe emphakathini. Lezi zinsiza zakha isisekelo semiphakathi ezinzile, eqinile futhi ekwazi ukumelana nezinselelo.

Ngaphezu kwalokho, lezi zinsiza zenza kube lula kubazali ukuthi basebenze ngoba izingane nemindeni yabo iyakwazi ukunakekelwa. Noma kunjalo, naphezu kokubaluleka kwalo mkhakha, usalokhu ungabhekwa kakhulu futhi ungatshalwa mali ngokwanele. Sekuyisikhathi eside umsebenzi wokunakekela ubhekwa kancane kunalokho okufanele.” Kusho u Ncukane.

Usomabhizinisi oyinxenye yale nqunquthela ovela kwinkampane i-Isibaya copararate uxhase ngezigidi eziyikhulu R100 000 00. U Vivian Reddy ungomunye wosomabhizinisi abadumile e Mhlanga namaphethelo. U Reddy uthi ufisa ukubona bonke osomabhizinisi besimeme abangaphansi kohlelo lomyango wezenhlalakahle.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Intsha Ifundiswa Ngokubaluleka kokusebenzisa Amacondom E Langeni College Ezinze E-Ntuzumza

Inhlangano yezempilo i-AIDS Healthcare Foundation (AHF)  ngokubambisana nezinhlaka zezempilo...
×