Tuesday, March 3, 2026

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

Date:

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa kwezithombe zabaholi bomzabalazo u Nelson Mandela no Oliver Tambo kuzoba yisikhumbuzo esihle somlando wenkululeko futhi kukhuthaze izizukulwane ezizayo ukuba zifunde ngomzabalazo owakha iNingizimu Afrika yanamuhla. UXaba ubekhuluma ngesikhathi kwamukelwa uMengameli Cyril Ramaphosa emcimbini wokwethulwa kwezithombe.

Ekhuluma emcimbini, uXaba uthe kuyintokozo enkulu ukwamukela izivakashi nabaholi abazohlanganyela ekukhumbuleni laba baholi bomzabalazo. “Kuyangijabulisa ukwamukela nonke kulo mcimbi ohloniphekile njengoba sikhumbula futhi sihlonipha amaqhawe omzabalazo wethu, uMengameli wangaphambili uNelson Mandela kanye noBaba uOliver Reginald Tambo.” Kusho u Xaba.

UXaba ubalule ukuthi indawo lapho zibekwe khona lezi zithombe ibalulekile emlandweni wezwe. “Isithombe sikaMandela sikhumbuza abantu inkulumo yakhe eyaba negalelo elikhulu ekwakheni ubumbano ngesikhathi ephuma ejele ngo-1990.” Kusho u Xaba.

UMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, wembule izichuse zemfanekiso yabaholi bomzabalazo benkululeko  u Dr Nelson Mandela no Oliver Tambo e Thekwini.

“ Lezi zithombe ziqhakambisa I galelo elikhulu elenziwa nguMandela noTambo emzabalazweni wenkululeko, ubulungiswa emphakathini kanye nokwakhiwa kweNingizimu Afrika yentando yeningi.  Izikhumbuzo ezifana nalezi zisiza ukugcina umlando wesizwe uphila futhi zifundise nezizukulwane ezisakhula ngomlando wokulwa nobandlululo.” Kusho u Ramaphosa.

U Mengameli uthi lo mcimbi ubalulekile njengoba izwe ligubha iminyaka engu-30 kusukela kwamukelwa uMthethosisekelo wentando yeningi. U Tambo wadlala indima ebalulekile ekwakheni izimiso zomthethosisekelo we-ANC kanti uMandela nguyena owagcina esayine uMthethosisekelo waba umthetho.

“Izichuse  zizophinde ziqinise ezokuvakasha kuleli dolobha futhi zikhumbuze abantu ukuthi inkululeko yatholwa ngemizabalazo emikhulu. Izwe kumele liqhubeke nokulandela izimfundiso zikaMandela noTambo zokusebenza ngobuqotho, ukuthula nokusebenzela abantu”. kusho u Ramaphosa.

URamaphosa uphinde wamemezela ukuthi iSouthern African Development Community (SADC) izobamba ingqungquthela yayo yama-46 yabaholi bamazwe eThekwini ngo-Agasti 2026.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Izindlu Ezingu 1000 Zezisulu Ezakhahlanyezwa Zikhukula Sezikulungele Ukuhlala Ngaphambi kuka June

UMeya weTheku, uKhansela uCyril Xaba, uthi usekholwa ukuthi izinhlelo...

Ibhange I First National Bank (FNB) Lethule Izinhlelozalo ze stokvela.

Ibhange iFirst National Bank (FNB) lethule izinhlelo zalo  ze...

Ukhansela Madlala Uhola Umkhankaso Wokweseka Abafundi Esikoleni I-Bhekisisa High School

 UMasipala ITheku uyaqhubeka nokuletha ithemba kubafundi abaswele ngokuhambisa izimpahla...
×