Tuesday, March 3, 2026

Ibhange I First National Bank (FNB) Lethule Izinhlelozalo ze stokvela.

Date:

Ibhange iFirst National Bank (FNB) lethule izinhlelo zalo  ze Stokvel ngesikhathi somhlangano wokubandakanya umphakathi obubanjelwe eMega City Mall eMlazi, KwaZulu-Natal.

Lo mhlangano uhlanganise abahleli bamaStokvel, abaholi bomphakathi kanye nochwepheshe bezimali ukuze kuxoxwe ngokuthi amaStokvel angasekelwa kanjani esimeni sezomnotho esiguqukayo kanye nasemhlabeni wezobuchwepheshe besimanje.

Ezingxoxweni kuphumele obala ukuthi amaStokvel ayaqhubeka nokuba negalelo elikhulu ekusizeni imiphakathi, ikakhulukazi ezinhlelweni zokonga, ezemngcwabo, ukuthenga ukudla kanye nokweseka amabhizinisi amancane. U Sibusisiwe Skenjane ovela Kwa stokvel academy usike elijikayo njengoba eseneminyaka engu 50 edlala lesistokofela. “Ngaqala ngineminyaka engu 17 emkhakheni wezokonga imali siyiqembu Kulo mkhakha umuntu uyazikhethela ukuthi wonga kanjani kungaba Unyaka owodwa noma emhlanu. Ukubambisana nebhange kanjalo nesidlala nabo kuyawenza umehluko kuba nokuthula nakho ke siyaququzela ukuthi abantu mebeqala istokfela bebe namaphepha asivumelwano.”

U Skenjane uphinde wanxusa ukuthi asebekhulile abashenxe ezikhundleni noma ngabe istokovela savulwa yibo.

Kuphinde kwaxoxwa ngendlela amaStokvel azivumelanisa ngayo nezinguquko zomhlaba wedijithali, lapho sekukhona amaqembu asebenzisa izindlela zesimanje zokuphatha imali ukuze kuphephe futhi kube lula. Amalungu omphakathi adalule izinselelo abahlangabezana nazo, okubalwa kuzo ukukhwabanisa, ukungabi nokufinyelela ezinsizeni zebhange kanye nesidingo sokuqeqeshwa kwezezimali.

I-FNB iveze ukuthi inhloso yayo ukuqhubeka nokwenza kube lula, kuphephe futhi kufinyeleleke kalula ukuthi amalungu esiStokvel abambe iqhaza ezinhlelweni zezezimali, ngaphandle kokuphazamisa amasiko nokwethembana okuyisisekelo salolu hlelo lokonga.

U Prety Msomi ovela endaweni yase Nanda eSkebheni uveze ukuthi bona kwesabo istokofela sebesize intsha eningi ngoba istokofela saqala ngo nyaka wezi- 2000. “ U hlelo lwethu lwestokofela alusizi thina kuphela kodwa sisiza nezingane ukuzilethela uqeqesho lokubhukuda ngoba zicwila njalo inkulu indima esiyidlalayo emphakathini”. Kusho u Msomi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...

Seligcwotshwe Ngokusemthethweni Iqembe Lomdlalo Wokudonsa Intambo

Iqembu laseNingizimu Afrika lomdlalo wokudonsa intambo ngaphakathi ezindlini (Indoor...

Izindlu Ezingu 1000 Zezisulu Ezakhahlanyezwa Zikhukula Sezikulungele Ukuhlala Ngaphambi kuka June

UMeya weTheku, uKhansela uCyril Xaba, uthi usekholwa ukuthi izinhlelo...

Ukhansela Madlala Uhola Umkhankaso Wokweseka Abafundi Esikoleni I-Bhekisisa High School

 UMasipala ITheku uyaqhubeka nokuletha ithemba kubafundi abaswele ngokuhambisa izimpahla...
×