UMnyango Wezokuvakasha waseThekwini umemezele ngenjabulo ukunyuka kwezi vakashi zangaphakathi kanye nezamazwe omhlaba zibonise ukukhula okuqinile phakathi kukaJanuwari noMeyi 2025. Lokhu kuqinisekisa idolobha laseThekwini njengendawo ebalulekile kwezokuvakasha eNingizimu Afrika. Ngokwemibiko yakamuva ye-Research and Data Unit ye-South African Tourism, etholakale ngesikhathi se-Strategic Planning Workshop ye-eThekwini Presidential Working Group, izivakashi zamazwe omhlaba zikhuphuke ngaphezu kuka-186 000 uma kuqha thaniswa nonyaka odlule.
Lokhu kunikeze umnotho wesifunda umthamo ongaphezu kuka-R750 million. NgoMbasa kuphela ngesikhathi sePhasika, izivakashi zishiyela iTheku imali engaphezu kuka-R115.9 million, okuwukukhula okungu-48% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Amazwe amaningi ayaqhubeka nokuletha izivakashi eThekwini, okufaka phakathi iMozambique, i-United Kingdom kanye ne-United States, okuyinto ekhombisa ukuthi iTheku lisanabo ubuhle obukhulu nasemazweni. Ezivakashini zasekhaya, iTheku livakashelwa abantu abangu-2.8 million kule nkathi, okuholele emalini engaphezu kuka-R4.8 billion. NgoMeyi kuphela, idolobha liqoqe imali engaphezu kuka-R844 million ukwanda okungaphezulu kuka-50% uma kuqhathaniswa noMbasa. Lokhu kubonisa ukuthi iTheku liyindawo ethandwayo nehlonishwa kakhulu izakhamuzi zaseGoli, eTshwane naseKapa. Imikhuba yokuchitha imali ikhombisa ukuthi ukuthenga ezitolo nokudla ezindaweni zokudlela kuhamba phambili, kuyilapho abanye behlala emahhotela, kanti abaningi sebeqala ukukhetha izindawo zokuhlala ezizimele noma zokuziphekela. UMphathi weDolobha, uMnu Musa Mbhele, uthe imiphumela ikhombisa ukubaluleka kokutshala imali ekuma ketheni kwezokuvakasha, imikhankaso ngamasizini kanye nokuthuthukiswa kwengqalasizinda. “Imiphumela ikhombisa ukuthi izimali esizitshala kwezokuvakasha ziyasebenza eThekwini. Futhi azivusi nje kuphela idolobha kodwa ziphinde zisebenze njengomholi ekubuyiselweni kwezokuvakasha eNingizimu Afrika. Sizimisele ukuqhubeka nokwandisa okuhlangene nakho kwezivakashi futhi siqinisekise ukuthi idolobha lethu liyaqhubeka nokukhula njengezinga lomhlaba,” kusho uMbhele.