UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, kanye noNgqongqoshe wezeMfundo, uMhlonishwa uSipho Hlomuka, ngoLwesibili, mhla zi-7 kuMfumfu wezi-2025, bavakashele esikhungweni sokuphrinta amaphepha ezivivinyo ze-National Senior Certificate (NSC) eThekwini.
Lolu hambo luqinisekise ukuzibophezela okungaguquki kukaHulumeni wesiFundazwe ekuphakamiseni amazinga aphezulu okulungela, ukuphepha, kanye nobuqotho ekuphathweni kwezivivinyo ze-NSC zowezi-2025.
Lokhu kuxoxisana kuzolekelela ubuholi besifundazwe ukuth bakwazi ukuhlola izimiso zokuphepha zesikhungo, bahlole ukusebenza kahle, futhi baqinisekise ukulungela kokuhleleka kokuphrinta, ukupakishwa kanye nokusatshalaliswa okuphephile kwamaphepha ezivivinyo kuso sonke isifundazwe.
“Umyalezo wethu uthi izingane nezikole kufanele zilungiselele, njengoba sazi ukuthi ezinsukwini ezimbalwa kusukela manje ukuhlolwa kuzoqala futhi kubalulekile ukuthi basebenzise ithuba lokugcina ukuzilungiselela futhi basebenzise noma yiziphi izinsiza abanazo ngendlela ezobazuzisa ukuze benze kangcono ekuhlolweni”, kusho uNdunankulu.
