UNqonqoshe Wezempilo uNomagugu Simelane uqophe umlando ememezela ukuqashwa kwabasebenzi ngokugcwele abavela kuzo zonke izifunda ezakhele iSifundazwe saKwaZulu-Natal. Lomcimbi ububanjelwe KwaMashu, ePrincess Magogo Stadium.
Ekhuluma kulo mcimbi obubungazwa ngokujabula okukhulu, uSimelane uthe lolu suku luyigugu futhi luphawula ukunqoba kwesithunzi, ukuqashelwa nokuzinikela kwabasebenzi bezempilo bomphakathi abaye basebenza iminyaka eminingi ngaphansi kwezimo ezingaqinisekile, kodwa bengakaze babashiye abantu.
USimelane ugcizelele indima ebalulekile edlalwe yilaba basebenzi ngesikhathi sezinkinga ezinkulu zezempilo ezweni, okubalwa kuzo ubhubhane lwe-HIV ne-AIDS, i-COVID‑19, isifo sofuba (TB), umalaleveva, izinselelo zempilo yomama nezingane, kanye nezifo ezingamahlalakhona ezifana nesifo sikashukela nomfutho wegazi.
“Laba basebenzi baye baba yisisekelo sohlelo lwezempilo olusondele emphakathini. Bahambe bengena imizi ngemizi, beluleka, beqapha, futhi beqinisekisa ukuthi iziguli ziyawalandela amakhambi azo. Ngaphandle kwabo, isifundazwe besingeke sifeze okuningi esesikufezile,” kusho uSimelane.
“Ukubeka i‑Primary Health Care emgogodleni wezempilo, nokubona ukubaluleka kwabasebenzi bezempilo bomphakathi, kuyizibonelo zalokho,” kusho yena.
UMEC uphinde wabonga izinhlangano zabasebenzi ngokubekezela nangokuma ngokuqinile ngesikhathi kunezingxoxo ezinde neNational Treasury kanye noMnyango Wezempilo Kazwelonke ngenxa yezinselelo zezimali. Uthe ngaphandle kwendima yabo, lolu suku belungeke lube khona.
USimelane uchaze ukuthi ukuqashwa unomphela kuletha ukuzinza kwemali, ukuvikeleka emsebenzini, amathuba okuthuthuka emakhonweni kanye nokuqashelwa njengengxenye ebalulekile yabasebenzi bezempilo kahulumeni. Kodwa ubenxuse ukuthi bavikele le mpumelelo ngokuphatha kahle izimali zabo, bagweme izikweletu ezingadingekile, futhi basebenzise ulwazi olutholakala ngobuchwepheshe besimanje.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kobungcweti, isimilo nokugcinwa kwemfihlo, ethi ukwethenjwa ngumphakathi kuyigugu elingafanele lonakaliswe.
“Asikaze sizwe kukhona owephule imfihlo yeziguli, lokho kukhombisa ubuqotho benu,” kusho uSimelane.
Uphethe ngokuthi,“abantu bakwaZulu‑Natal bayethemba nina. Umnikelo wenu ubalulekile, ikusasa lenu seliqinisekisiwe, futhi uhulumeni umi nani,” kusho uSimelane.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

