Uhulumeni Wokubambisana Usebenza Kanzima Ukunqoba Isifo Sezilwane

Date:

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uncome indima ebalulekile edlalwa amaKhosi ekuthuthukiseni izinga lempilo yabo bonke abantu baKwaZulu-Natal.
UNtuli uthe uzimisele ukuqhubeka nokuqinisa ubudlelwano phakathi kukahulumeni kanye nabezomthetho, namaKhosi ngenhloso yokuthuthukisa izimpilo zabo bonke abantu kulesi sifundazwe.
UNtuli ubekhuluma emcimbini wokuqinisekiswa kwamaKhosi angama-288 njengamaKhomishana Ezifungo (Commissioners of Oaths), obubanjelwe e-Archie Gumede Conference Centre emahovisi omnyango wezokubusa ngokubambisana nezomdabu
“Ukubambisana nokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zezomthetho, uhulumeni kanye nezinhlaka zobuholi bendabuko kubalulekile ekubhekaneni nezinselelo zezenhlalo nezomnotho ezibhekene nemiphakathi yethu. Ukusungulwa kwezindlela ezisemthethweni zokuthi amaKhosi asebenze njengamaKhomishana Ezifungo kuzothuthukisa ukutholakala kwezinsizakalo zomthetho futhi kuqinise ukwethenjwa komphakathi ohlelweni lwezobulungiswa.” kusho uNtuli.
Ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni I Kwazulu Natal ukhomishana wamaphoyisa u Nhlanhla Mkhwanazi ushayele ihlombe amagalelo kahulumeni wesifundazwe ngokunciphisa umsebenzi wamaphoyisa wokugxiviza.
“Kuloluhlelo alwenziwe uNdunankulu wesifundazwe siyalujabulela thina luzolekelela ukusenza kwa maphoyisa njengoba sazi ukuthi umthetho sisekelo samaphoyisa onikeza amaphoyisa ukuthi amaphoyisa kufanele abhekane nobugebengu aphenye amacala aphinde avikele umphakathi yikhona okusemabhukwini omthetho sisekelo okugxiviza sekuseceleni.” Kusho Mkhwanazi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...

Bahlomule Ngezibuko Zamehlo KwaMashu.

Amalungu omphakathi KwaMashu athole lwezibuko zamehlo ngesikhathi inhlangano engenzi...

Kuzohlonishwa Inkakha Kamasikandi Kwi Golden Hour

Umhleli womncimbi ka masikandi u Xolani Mncineka wenze isethembiso...

U Chithe Usuku KwaMashu Ezibonela Mathupha Idle.

IMeya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, uthathe izinyathelo zokusheshisa...