Breaking News

UBONGWE NGENDUMEZULU YOMCIMBI OKA-MAGALELA

0 0

I Mangethe Media ibambe ngempumelelo indumezulu yomcimbi wokuhlonipha uqweqwe lwentathale uMnu Fraser Sibusiso Mtshali obegubha iminyaka engu 47 abasemkhakheni wezobuntatheli. UMnu Mtshali waziwa kakhulu ngokuthwebula Izithombe ezingaconsi phansi phecelezi lokho okubizwa nge photojournalist.

UMnu Mtshali owaziwa ngekhono lakhe elijulile lokuxoxa udaba ngamazwi kanye nangezithombe, kuyona yonke leminyaka esemkhakheni wezobuntatheli ube nomthelela omkhulu emkhakheni wobuntatheli eNingizimu Afrika nangale kwayo. Ulwazi lwakhe oluningi, oluhambisana nesizinda sakhe semfundo kanye nokuchayeka kwamanye amazwe, kuqinise isithunzi sakhe njengomuntu ohamba phambili embonini yezindaba.

OkaMagalela wazalelwe wakhulela elokishini laseLamontville. Wafunda esikoleni samabanga aphansi naphakeme kuyona leyandawo, lapho aqala khona ukuthanda ukubhala nokufunda. Uthi kusukela emncane  wayedlala imidlalo yeshashalazi yaselokishini nokwadala uthando lwakhe kwezobuciko nobuntatheli. Ukuzinikela kwakhe kwasekuqaleni kwezobuciko kwaqashelwa yi-Dragenbarg Promotions, eyamklomelisa ngamagalelo akhe emkhakheni wezobuciko namasiko.

UMtshali uthi ukubuyisela emphakathi kusemqoka kakhulu kuyena. “Njengentatheli ngizibophezele ukusebenzeleni umphakathi ngaphandle kokulindela ukuhlomula. Ngike ngacathulisa ngaphinde ngasiza ukucija izintatheli eziningi okubalwa kuzo uMdu Lembede, Guy Vezi, Cyril Mandla, Fred Khumalo, Solwazi Fikile Mazibuko noDesin Panth. Ukwengeza, usebenze nezikhulu zikahulumeni neminyango njengomeluleki wezindaba, waba nesandla emizamweni yabo yezokuxhumana,” kusho uMtshali.

Eqhuba uMtshali uthi yize esehambe ibanga elide kwezobuntatheli ephumelela kodwa wenza isiqiniseko sokuthi usengubaba oqotho kubantwana bakhe abane kanye nakubazukulu bakhe. Uthi abafundi bephephandaba lakhe iPhumelela uyohlezi ebanikeza Ukuzinikela ulwazi olunembile kanye nokubambelela kwakhe ezimisweni zokuziphatha zobuntatheli kumenze waba umuntu onokwethenjwa nohlonishwayo embonini.

UMnu. Fraser Mtshali uthi uyaqhubeka nokukhuthaza nokweluleka isizukulwane esilandelayo sezintatheli. Isigaba sakhe sobungcweti siwubufakazi bokuzibophezela kwakhe ekwabelaneni ingcebo yakhe yolwazi kubantu abasafufusa bengochwepheshe bemidiya. Uhambo lwakhe luwumfanekiso wangempela wentatheli enezimiso zokuziphatha kanye nothando lokuxoxa izindaba zomphakathi.

Izingane zika Magalela zawuvala ngesikhulu isimanga umcimbi zimu mangaza ngemoto entsha ceke uhlobo lwe Mercedes, njenge sipho sokumbonga ngokubakhulisa ngeqiniso kanye nangokwenkolo.

Lo mcimbi wobonakala uhlanganisa ngapahansi kophahla olulodwa yonke imihlathi eyazananyo okungabalwa kubo uMnu Mdu Lembede, usolwazi Otty Nxumalo, Bheki Ncube, Sluindile Khanyile kanye no Mama Afrika Yvonne Mhinga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *