Monday, March 23, 2026

SEKUVALIWE UKUNGENELE OWE COMRADES MARATHON 2025

Date:

Abe- Comrades Marathon Association sebe memezele ngokusemthwethweni ukuvalwa kokungenela ukuba ingxenye yalomxayo wangonyaka ozayo. Lokhu kulandela ukufika enambeni engumqamula juqu engu 23 000, okwenzeke ngoMgqibelo mhlaka 30 kuLwezi 2024, okwenzeke sekusele izinsuku eziyisishiyagalolunye ngaphambi kokuthi kuvalwe ukungenela.

“Kuyasijabulisa kakhulu ukuthola izimpendulo eziningi kangaka kanye noqhozi olungaka oluvela kubona bonke abasubathi abazobe bemele izizwe ezingaphezu kuka 80 ezizibe zivela kuwona wonke amazwe. Umjayo wangonyaka ozayo uzobe wehlela njengoba uzobe usuka eMgungundlovu ulibangise eThekwini,” kusho Alain Dalais obambe njengeMenenja ka Race  and Operations.

 Kusukela mhlaka 30 KuLwezi sekuvaliwe ngokusemthethweni ukungenela kweComrades Marathon ka-2025. I-CMA idlulise ukubonga kwayo okusuka enhliziyweni kubo bonke ababambiqhaza abaqinisekise ukungenela kwabo futhi babonisa ukweseka kwabo umcimbi oyisakhiwo sodumo.

UDalais wengeze ngokuthi, “Ukuzinikela nothando lwenu ngeComrades Marathon kuyaqhubeka kusikhuthaza. Sibheke ngabomvu ukwamukela bonke abagijimi ababhalisiwe ohlwini abazohqudelana  ngeSonto, mhla ziyisi-8 kuNhlangulana 2025, kulokho okuthembisa ukuthi kuzoba omunye umjaho ongasoze walibaleka noma unenselelo.”

 Abasubathi abangakwazi ukungenela bayakhuthazwa ukuthi bahlale bexhumekile eziteshini zebo ezisemthethweni zeComrades Marathon ukuze bathole imininingwane yeComrades Substitution Process ezoqala ngoMashi no-April 2025.Umjaho uqala ehholo ledolobha laseMgungundlovu ngo-05h30 uphele ngemuva kwamahora angu-12 eThekwini’s People’s Park, osekuhambe ibanga elilinganiselwa ku-89km. Lokhu kuzoba yi-49th Down Run.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Ufike Nohlelo  Lokululekwa Kosonhlalakahle U Shinga.

Ungqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal, Mbali Shinga, wethamele umcimbi wokugubha...

Unikele Ngo R100 000 000 Emnyangweni Wezenhlalakahle Usomabhizinisi WaseMhlanga

Kukhombisa izithelo ezinhle ukuqala kwenqunquthela yezinsuku ezimbili yomnyango wezenhlalakahle...

I Qembule Democratic Allience Esifundazweni I KwaZulu Natal Ligxeka Isithombe SikaMandela NoTambo, Ithi ITheku Lidinga Amanzi Nezinsiza.

Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance eThekwini seligxeke ukusetshenziswa kwezigidi zamaRandi...

Kwethulwe Izichuse Zabaholi Bomzabalazo Ethekwini Kwisifundazwe I-kwa Zulu Natal

IMeya yomkhandlu I e-eThekwini Municipality, uCyril Xaba, uthi ukwethulwa...
×