Inqunquthela ye-BIO Africa Conference on Public Health in Africa (CPHIA) ka-2025, ebibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre, ibe yimpumelelo enkulu. Amazwe ase-Afrika ahlangane ukuzozibophezela ekwakheni ikusasa lezempilo eliqinile ngokusungula izinto ezintsha, ukubambisana, kanye nentuthuko ebandakanya wonke umuntu.UNgqongqoshe wezeSayensi nobuchwepheshe, uSolwazi Blade Nzimande, ugcizelele ukuthi inhloso enkulu wukuqhubekisela phambili uhlelo lokuzethemba
kwezwekazi ukuze wonke umuntu ezinhlelweni zezempilo. Uthe lokhu kubalulekile ekufezekiseni ukunakekelwa kwezempilo okulinganayo kanye nokuvikela impilo yabantu base-Afrika.Inqunquthela ibingagcini kuphela kwiziqubomgomo
kodwa ime njengohlelo oluqinile lokulinganisa ubuchwepheshe bokucwaninga kwezempilo, ukuthuthuka kobuchwepheshe be-Digital ne-AI, kanye nokuqinisa izinhlelo
zokuxhaswa kwezimali ezisimeme.
UNzimande uqhube wathi imiphumela yenqunquthela izoqhubekisela phambili ubuholi baseNingizimu Afrika ku-G20, iqhube ubambiswano lwezwekazi. I-Health Systems Trust (HST) nayo iveze ukuthi izoqhubeka nokusebenzisana noHulumeni wesifundazwe KwaZulu-Natal ukuqinisekisa ukuthi abantu bathola usizo lwezempilo ngokulinganayo. UDr Ntombi Sigwebela uthe bagxile ekunqandeni izifo ezingosomahlala ekhona futhi sebengeze nezinhlelo zokweseka impilo yengqondo ngenxa yezinkinga ezikhula ngokushesha.
