KONKE SEKUMI NGOMUMO KOWE PRINCE MANGOSUTHU LEGACY CUP KA 2025

Date:

Injabulo yodwa kwisifunda saseZululand njengoba umqhudelwano iPrince Mangosuthu Legacy Cup (PMLC) 2025 ilungiselela ukubuya okwesithupha. Lo mqhudelwano wezemidlalo ohlonishwayo, owasungulwa kuhlonishwa uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho, uyinsika yekhalenda lezemidlalo laKwaZulu-Natal, udonsa amehlo kuso sonke isifundazwe nangale kwaso.

Umqhudelwano I Prince Mangosuthu legacy Cup usiphenduke isiko elithandekayo, ibungaza impilo kanye nefa likaMntwana uMangosuthu Buthelezi, isikhulu esihlonishwayo sombuso nomholi onombono. Lo mqhudelwano usebenza njengethuluzi lokhu gqugquzela ukuthuthukiswa kwentsha kanye nokufukulwa kwezomnotho esifundeni, uhlinzeka ngenkundla yabadlali abasafufusa bebhola futhi udala amathuba emisebenzi ebalulekile emiphakathini yendawo.

Umqhudelwano walo nyaka uthembisa okumangazayo kakhulu njengoba iKaizer Chiefs, okungenye yamakilabhu ahlonishwayo eNingizimu Afrika, izobe ibambe iqhaza kulo mcimbi. Ukuba khona kwabo nakanjani kuzokwengeza amandla nezihlabani kulo mqhudelwano, futhi abalandeli bayilindele ngabomvu imidlalo yabo.

I Prince Mangosuthu Cup ingaphezu nje komqhudelwano webhola – iwumkhosi wokugubha amagugu, ubumbano, nethuba. Lo mcimbi uhlanganisa imiphakathi, ugqugquzela ukubumbana komphakathi, futhi ukhombisa okuhamba phambili kwebhola laseNingizimu Afrika. Lo mqhudelwano walo nyaka uzoba sePrince Mangosuthu Regional Stadium oLundi ngo-Okthoba 11, 2025.

IMeya yesifunda saseZululand, uCllr Michael Khumalo, izwakalise ukuziqhenya ngokusingatha lo mcimbi, yathi, “Siyaziqhenya ngokusingatha lo mcimbi futhi sihloniphe nefa lendoda ezinikele ekufukuleni abantu bakithi. Lo mqhudelwano uwubufakazi bokuthi uMntwana uMangosuthu ubambe njalo futhi uzibophezele ekuthuthukiseni intsha nomphakathi.

Imidlalo yalo mqhudelwano isimenyezelwe, kanti owandulela owamanqamu nowamanqamu uhlelwe kanje:

  • Semi-Final 1: AmaZulu FC vs Njamphela FC (09:30)
  • Semi-Final 2: Kaizer Chiefs vs Nsingizini Spurs (12:00)
  • Okokugcina: 16:00

Ngemuva kwalo mqhudelwano kuzoba nomcimbi wesikhumbuzo somjaho wamahhashi wokuhlonipha inkosazana uPhumzile, indodakazi kaMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho, ngo-Okthoba 12, 2025, KwaMahlathi oLundi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Kuzothuthukiswa Ezobuchwepheshe Ekukhishweni Kwezitifiketi Zezikweletu Kumasipala

UMasipala waseThekwini usuzokwethula uhlelo olusha olubizwa ngeRevenue Clearance System...

McDonald’s Offers Customers The Opportunity To Enjoy Special FIFA World Cup Meals

As anticipation builds for the FIFA World Cup 2026,...

Bazohlomula Ngamakhono Angeziwe Abamafilimi

Iyaqhubeka inqunquthela yabaqophi bamafilimu abasafufusa, abadlali kanye nabaxoxi bezindaba...

Babe Ngomanqoba Abe Two For Joy FC Kowe Khabba Cup

Iqembu iTwo For Joy FC linqobe iKhabba Cup ka-2026...